I-Egypt isibambelele eshweni le-Uruguay
UKUPHIKWA wumlando kwe-Uruguay emidlalweni yokuvula kwiNdebe yoMhlaba kungasho ukuthi maningi amathuba okuthi
i-Egypt iwuqale kahle lo mqhudelwano ingavuli ngesibhaxu zibekwa nje.
Umdlalo wokuqala wala maqembu uzoba seRussia namhlanje, eCentral Stadium Yekaterinburg, ngo-2 ntambama. Ngokomlando, sekuphele iminyaka engu-48 i-Uruguay ihluleka ukunqoba umdlalo wayo wokuqala kwiNdebe yoMhlaba. Ezika-Oscar Tabarez zagcina ukunqoba umdlalo wokuvula ngo-1970 kwiNdebe yoMhlaba eyayiseMexico. Kulo mqhudelwano owawunamazwe awu-16,
i-Uruguay yayikuPot 2 neBrazil, Israel neSweden.
Umdlalo wokuvula ne-Israel yawunqoba ngo 2-0. Kusuka lapho kuze kube namuhla,
i-Uruguay iyehluleka ukunqoba umdlalo wayo wokuvula nakuba kungasho ukuthi igcina iphume kusesekuseni njengoba yenze kahle eNingizimu Afrika ngo-2010 ifika kowandulela owamanqamu.
Namuhla i-Uruguay izobhekana nezikaFaro okungacaci kahle ngokululama kwesihlabani sazo, uMohamed Salah, owalimala kowamanqamu kwi-Uefa Champions League ngesikhathi ezakhe iLiverpool zishukana neReal Madrid, eKyiv. Kulo mdlalo, uSalah akaqedanga ngisho imizuzu engu-30, waphuma ngenxa yokulimala ehlombe, ngemuva kokubanjwa isitobha seReal Madrid, uSergio Ramos.
Uma kungenzeka agcine ngokuthi engadlali uSalah namuhla, uHector Cuper ocija i-Egypt, angasebenzisa oyedwa phakathi kukaMahmoud Trezeguet noRamadan Sobhi nabo abakwaziyo ukuhlukumeza izitobha.
“Sinethemba lokuthi sizokwazi ukudlala ngaphandle kukaSalah uma egcina engakwazanga ukudlala lo mdlalo. Yebo yena ubalulekile kodwa uma engekho sizodlalisa omunye ozokwenza okufanayo. Ukulimala kwabadlali kuhleze kwenzeka ebholeni, akukho