UBobby nezinhlelo zomqeqeshi
IMENENJA yeKaizer Chiefs, uBobby Motaung, ithi abaphathi baleli qembu abasabulali ubuthongo belungisa udaba lomqeqeshi omusha nabadlali abasha abazosayiniswa yiqembu kungekudala njengoba sekuphele iminyaka emithathu Amakhosi agcina ukunqoba isicoco.
UMotaung ukhulume kanje izolo ngesikhathi ememezela abadlali abahlanu abachithwe iziMpofana.
“Siyayazi ingcindezi esinayo kubalandeli bethu nabaxhasi. Sisebenza kanzima nabaphathi ukufuna umqeqeshi ozothatha iqembu alibuyisele kulokhu ebelaziwa ngakho. Sifuna nabadlali abaseqophelweni eliphezulu esizobasayinisa, kwazise sisalelwe amasonto amabili nje vo ngaphambi kokuba kuqale amalungiselelo esizini entsha ka-2018/2019. Kungakho sibone ukuthi asivule izikhala ngokuthi sidedele abadlali abathile esikholelwa ukuthi banethalente kodwa iChiefs akuselona iqembu lapho bengaveza khona amakhono abo,” kusho uMotaung izolo.
Amakhosi amemezele ukuthi inkontileka kaTsepo Masilela ephelayo kule nyanga ayizovuselelwa. UMasilela ubesehlale iminyaka eyisithupha kwiChiefs, wanqoba izicoco ezine okubalwa kuzona nezimbili zeligi.
Leli qembu liphinde laqinisekisa ukuthi uWilliam Twala, Edmore Chirambadare, Keagan Buchanan noSibusiso Khumalo lizozinqamula izinkontileka zabo. Bonke laba badlali bajoyine iziMpofana ngo2016.
“Sibona iChiefs kuyiqembu elingasabafanele kwazise banekhono. Kungakho singafuni ukuma endleleni yabo, sifuna ukuba baveze amakhono abo kwamanye amaqembu,” kusho uMotaung.
Eqhuba uMotaung uthe basezingxoxweni nomgadli osemncane waleli qembu u-Emmanuel “Adebayor” Letlotlo njengoba eveze ukuthi unesifiso sokuba abolekiswe.
“Sizokwazisa isizwe uma sesiziqedile izingxoxo ngoLetlotlo,” kuqhuba lesi sikhulu.
Maphakathi nesonto i-Orlando Pirates eyizimbangi ezinkulu zeChiefs imemezele abadlali abayisishiyagalolunye, esibasayinisile. Laba abadlali uBrilliant Khuzwayo ophuma kuyona iChiefs, Vincent Pule, Ben Motshwari, Linda Mntambo, Paseko Mako, Asavela Mbekile, Abel Mabaso, Kudakwashe Mahachi noMeshack Maphangule.
IMamelodi Sundowns esanda kunqoba isicoco seligi imemezele u-Andile “Gattuso” Jali ngeledlule. AmaBrazilians abembanga neChiefs uJali.
UMotaung uthe amaphaphu phansi kubalandeli baleli qembu asebezibuza beziphendula ngokuthi kazi kumi kuphi kwiChiefs njengoba ingamemezeli mqeqeshi noma abadlali abasha.
“Kungekudala sizomemezela umqeqeshi omusha, kulandele ngokwethula abadlali abasha,” kusho uBobby.
IChiefs izobhekana neSundowns emhlalweni wesihle ngoJulayi 21. Kulo mdlalo kubhekeke ukuthi abadlali abasha bala maqembu bathole ithuba lokuzibonakalisa ngaphambi kokuthi kuqale isizini entsha ye-Absa Premiership.