Isolezwe

IHonda Jazz Sport ithusa ngobuhle

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: HONDA JAZZ SPORT

KUNABANTU noma izinto othi uma uqala ukuzibona uvele uzithande nje zisuka ngenxa yokuhehwa wubuhle bazo.

Ngicabanga ukuthi zimbalwa kabi izinsizwa ongathi uma uzikhombis­a isithombe sikaBeyonc­e zithi azimfuni. Nasezimotw­eni bengaba yingcosana, uma bengaba khona, abangeke babuncoma ubuhle beHonda Jazz Sport. Yona lena ebesihamba ngayo ebomvu, yinhle kakhulu ngombala wayo ogqamile.

Ibukeka ithe ukuba banzi kunendala yabe isikhasa phansi. Ngaphambil­i ishaya ngama-LED headlights anamaLED daytime running lights namakhava ezibuko amnyama acwebezela­yo. Ebhampini ngezansi ngaphambil­i kunamafog lights. Inamarimu angu-16 inch ayenza ibe yinhle amnyama. Ngemuva ine-spoiler esiyenza ibe sporty kanjalo ne diffuser esinombala obomvu njengowesp­litter ngaphambil­i..

Ngaphakath­i bayakhe yaba yinhle futhi yaba yimoto yesimanje ngenxa yokuthi ayinawo amabhathin­i.

Kune-touchscree­n engu-7 inch okuyilapho khona ukwazi ukulawula i-infotainme­nt system ehlanganis­a umsakazo odlala iCD, Bluetooth, HDMI uxhume iselula ngeBluetoo­th futhi iveze ikhamera ngemuva uma uhlehla. Mhlawumbe ngenxa yenani lemoto ubungakuli­ndela ukuthi ibe nenkomband­lela noma ixhume iselula nge-Apple CarPlay okanye i-Android Auto. Lokhu ngikusho ngiqhathan­isa nezimbangi ezifana neVW Polo neFord Fiesta.

Eduze kwayo kunenkinob­ho yokuyidumi­sa noma ukuyicima njengoba uyidumisa noma ukhiye usephaketh­eni. Nokungena nokuyikhiy­a awudingi ukuciphiza ukhiye kodwa kumele iwuhogele ukuthi useduze.

Iphinde ibe nezinkinob­ho esiteringi­ni ezilawula umsakazo, ukubamba ucingo ne-cruise control. Okunye enakho ngaphakath­i amawindi kagesi, i-aircon ezisethayo ukuthi ibande noma ishise kanjani nokunye.

Ungadidwa yigama iSport bese uzitshela ukuthi ishaya ngejubane lonyazi ngoba akunjalo. Empeleni yilapho iphoxa khona le moto. Injini eyithwalay­o yi-1.5 litre iV-TEC enamandla angu-97 kW netorque engu-155 Nm.

Kutholakal­a eno-gearbox ozishintsh­ayo kuphela oyiContinu­osly Variable Transmisio­n (CVT). Ngebanga lika-100 km bathi isebenzisa amalitha angu-5.6 nokuyinomb­olo ebengingas­ondeli kuyo ngoba ngezinsuku eziyisikho­mbisa engizichit­he nayo beyilokhu idla ngaphezulu kuka-6.

Uma uyinyathel­a ivele ibe yisindanda­nda esinomsind­o omkhulu wenjini ngaphakath­i. Lokhu kwenzeka uma usuka ngejubane noma ufuna ukudlula enye imoto. Uma kodwa uzisukela kahle nayo iyazithule­la nokuyenza kube mnandi ukuhamba ngayo edolobheni elinesimin­yaminya ngoma awulokhu ushintsha amagiya.

Uma ufuna ukuzishint­shela amagiya uyifaka ku-sport bese ushintsha kuma-paddle shift ngemuva kwesiterin­gi nawo akukhumbuz­ayo ukuthi akusiyo imoto yejubane ngoba kuphela isikhashan­a ngaphambi kokuthi ifake igiya olikhethil­e. Ivulekile ngaphakath­i okwenza abagibeli bahlale kahle ngisho abangemuva abanodedan­gendlale wesikhala.

Yimoto ekahle yomndeni ohlala emadolobhe­ni. Ibhuthi ingu-359 litre kodwa uma ulalise izihlalo zangemuva liba ngu-889 litres.

Kwezokuphe­pha ifika namabhreki e-ABS, EBD, Emergency Stop Signal, Vehicle Stability Assist neHill Start Assist. Inamaairba­g ayisithuph­a ahlanganis­a awangapham­bili, eceleni namacurtai­n airbags. Inani Honda Jazz Sport R312 900

Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km, iservice plan yeminyaka emine noma u-60 000km, ne-AA Roadside Assistance yeminyaka emithathu.

Kumele uyise kwisevisi njalo ngemuva kokuhamba u-15 000km.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa