Isolezwe

Iwashaya ngobunono amakhona iPolo GTI

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: VOLKSWAGEN POLO GTI

NOMA ngigula uwena umakhenikh­a, njengeVW eTinaga.” Lona wulayini wengoma kaHeavy K owawushayw­a yisilomo somculi we-kwaito, uProfessor, engomeni ayempike kuyo eyashisa izikhotha ethi Beautiful War.

Ucula kanjena nje, yingoba eTinaga (Uitenhage) e-Eastern Cape, yilapho khona kunemboni yakwaVolks­wagen eNingizimu Afrika.

Kule mboni yilapho futhi kukhiqizwa khona iVW Polo entsha eyethulwe ngokusemth­ethweni eKapa ngesonto eledlule. Ukwakhiwa kwayo kuleli kwenze ukuthi inani lentsha lithi ukuncipha uma iqhathanis­wa nendala. Bheka ngoba endala yayibiza uR387 000 kodwa entsha ibiza uR387 500.

Ukuncipha kwenani nokho akusho ukuthi kunciphe nezinga le moto elikuyo. Izinhlamvu ezithi GTI (Gran Turismo Injection) kwabaningi zisho ijubane.

Ezimnandi kulabo wukuthi bayigaxe injini engu-2.0 turbo okokuqala ngqa. Edlule yayishaya ngengu-1.8 litre enamandla angu141kW/250Nm.

Entsha yona ifuqa amandla angu-147 kW netorque engu-320 Nm. Lokhu kuyenza ukuthi isuke ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwa­na engu-6.7 kuthi ijubane elikhulu kube ngu-237 km/h. Ifika ne-6-speed dual clutch gearbox DSG.

Emgwaqweni igxuma ihlale ngokushesh­a ejubaneni futhi ikhipha nomsindo wodumo we ‘vrrr pha”. Kodwa okufike kwangithat­ha yindlela enamathela ngayo emakhoneni ngenxa ye XDS differenti­al lock.

Yenza ukuthi uphume uyinhlamvu ekhoneni ngoba iyakulawul­a ukuthi ingaphumi emzileni. Iphinde futhi ibe ne Electronic Stability Control.

Uma ubambe isiteringi uyezwa ukuthi uwe oyilawulay­o ngoba lapho usikhomba khona nekhala libheka khona.

Umshayeli angakwazi ukukhetha ukuthi ifike neSport Select ukuze umshayeli ayikhethe ukuthi ufuna ihambe kanjani phakathi kukaNormal, Sport, Eco no-Individual.

Uma ingenayo iba noNormal noSport kuphela.

Iyimoto ongaphila nayo nsukuzonke ngoba ngebanga lika100km isebenzisa amalitha angu5.9.

Iqhubeka ekhasini 6

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa