Isolezwe

I-VW Polo GTI entsha ishibhile kunendala

-

Isuka ekhasini 5 I-VW Polo GTI entsha iyiPolo elisha elijwayele­kile kodwa elitoniwe. Ngaphambil­i ishaya ngolayini obomvu ogijima kwi -radiotor grille bese iqoshwa uGTI ngaphezulu. Uma uthanda ukwazi ukuyifaka amaLED headlihgts.

Ngezansi inama air curtains amnyama amise okuka-C kubhampa. Eceleni kugqame amarimu angu-17 inch kodwa uma uthanda uyakwazi ukuthola awu-18 inch, nokuyiwo engiwathan­dayo futhi kulunguza ama-brake callipers abomvu kuywo.

Ngemuva ishaya ngezinqawe ezimbili ezigqize nge-chrome ngakwesoku­nxele, diffuser emnyama kanjalo ne-roof spoiler. InamaLED lights.

Okhakhayin­i uma uthanda uyakwazi ukuyifaka i-panoramic sunroof.

Imibala amakhasime­nde angakhetha kuyo ihlanganis­a omhlophe, obomvu, omnyama kanjalo noluhlaza okwesibhak­abhaka.

Uma ungena ngaphakath­i ishaya ngezitishi ezibomvu esiteringi­ni nangasegiy­eni.

Uma uthanda uyakwazi ukuthi i dashboad ibe nomunye umbala njengokuth­i ibe bomvu.

Uma uthanda uyakwazi ukufakaa i-Active Info Display entsha futhi enhle engu-10.25 inch.

Uciphaza u-view esiteringi­ni bese ikuvezela imininingw­ane yemoto.

I-infotainme­nt system yayo efika nayo yiComposit­ion Media engu-8.0 inch edlala neCD.

Uma uthanda nokho uyakwaz ukuyigaxa iDiscover Media nayo engu-8.0 inch kodwa eveza nenkomband­lela.

Umshayeli engakwazi ukuyigaxa i-Advanced Safety Package ehlangisa iParallel Park Assist, Park Distance Control, Rear View Camera, Blind Spot Detection namawindi agoqwa ngogesi.

IneDriver Alert System etshela umshayeli ukuthi akaphumule uma isola ukuthi akasanakil­e. Kukhona ne-Automatic PostCollis­ion Braking System eyenza ukuthi ime uma kade ibe sengozini.

IPolo GTI yimoto ekahle ikakhulu ngoba ivulekile futhi iyonga nakuphethr­oli okuyenza imoto yansuku zonke.

Uma uphuthuma ijubane layo yilapho lisebenza khona futhi kumnandi ukuyishaye­la.

Nokho uma uyithenga kumele ungahehwa yinani ngoba kuzomele unezezele izinto ezimbalwa ukuze ibe ngcono kakhulu. Inani Ifika ne warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km, iservice plan yeminyaka emtihathu noma u-45 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12. Kumele iye kwisevisi ngemuva kokuhamba u-15 000km. 2.0 TSI 147 kW DSG R375 900 Izinto ongazifaka: Brecscia 18 Alloy Wheels - R5 550 Discover Media Navigation - R12 150 Active Info Dispaly - R8 650 Park Distance Control (PDC) front&rear - R3 150 Advanced Safety Package: Parallel Park Assist + PDC, Rear View Camera, Blind Spot Detection _ Electronic Folding Mirrors - R11 850 Lights and Vision Package: Auto Dim Mirror + Auto Headlights + Rain Sensor - R3 850 LED Headlights - R12 450 Sport Select - R5 050 Luxury Package: Climatroni­c Air Conditione­r + Keyless Acess (“entry”and “go”) - R8 650 Panoramic Sunroof - R10 550 Leather Sport Seats with seat heating - R9 850

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa