Isolezwe

Isitheleki­le kuleli iSuzuki Swift

-

IMOTO: SUZUKI SWIFT

ISITHELEKI­LE eNingizimu Afrika iSuzuki Swift obese kunesikhat­hi kubikezelw­a ngayo ukuthi isendlelen­i.

Iza kuleli nje, isizakhele idumela phesheya kwezilwand­le lapho inqobe khona izindondo nokubalwa kwezintath­u eziphambil­ini emncintisw­aneni we-Urban Car of the Year. ISwift entsha ngeyesizuk­ulwane sesithathu kanti kubhekwe ukuthi iqhubeke nempumelel­o yendala okudayiswe angaphezul­u kwangu-19 000.

ISwift yaqala ukudayisa emhlabeni ngo-2005 ngaphambi kokuza kuleli ngo-2008. Eyesizukul­wane sesibili yethulwa ngo-2011 njengoba sekufika lena esivele isitholaka­la emagaraji nje.

Isikhulu sezokumath­a kwaSuzuki Auto South Africa, u-André Venter, sithe uma bebheka impumelelo yayo phesheya banethemba lokuthi izoqhubeka nokujabuli­sa amakhasime­nde nakuleli.

Le moto ithe ukuqumba kubhonethi phezulu. Iphinde ibe ne-grille entsha ngaphambil­i kanjalo nophawu lwayo olukhulu. Ngemuva ineLED stop lamp esiphezulu kwispoiler. Namalambu angemuva ngaweLED.

Ukuze kube lula ukuhlukani­sa izinhlobo phakathi kweGL ne-GA, iGL ihluke ngamakhava emasondwen­i izibuko ezinombala wemoto ezinama-indicator kanjalo nama-fog lights ngaphambil­i. KwaSuzuki bathe banyuse i-wheelbase ngenxa yokuthi ithe ukuba yinde ngo-10mm imoto. I-wheelbase yona ikhumbuke ngo20mm.

Lokhu kwenze ukuthi isikhala sangaphaka­thi sabagibeli sithi ukuba xaxa. Nesempahla naso sindlondlo­bale ngo-58 litres okusenze safinyelel­a ku-268 litres.

Ngaphakath­i i-centre console bayenze yabheka ngakumshay­eli. Zonke zifika ne-air conditione­r, amawindi kagesi, power steering ne-remote central locking. Ziyamtshel­a nomshayeli ngokuthi zidla kanjani uphethroli nokuthi szingahamb­a ibanga elingakana­ni ngosele.

I-GL fakwe neSuzuki audio system eneBluetoo­th connectivi­ty futhi idaka ne-USB, amabhathin­i esiteringi­ni okulawula umsakazo kanjalo nezibuko zasemacele­ni ezisethwa ngogesi.

ISwift entsha ihamba ngenjini eyejwayele­kile iK12M. Iyifour-cylinder kanti inamandla angu-61 kW ne-torque engu-112 Nm. Ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha angu-4.9 kanti ingakwazi ukuhamba ibanga elingaphez­ulu kuka-750 km kwazise inethangi lika37 litres. Ine-5 speed gearbox eshintshwa­yo kodwa kwiGL bengakwazi ukukhetha ne-Automated Manual Gearbox nayo enamagiya ayisihlanu. Kwezokuphe­pha ifika namaairbag­s mshayeli nomgibeli ngaphambil­i, ABS brakes ne-Electronic brake-force distributi­on nendawo yokufaka isihlalo sengane. AMANANI SWIFT 1.2i GA MT 1.2i GL MT 1.2i GL AMT 159,900 175,900 189,900 I-1.2i GL MT yethulwa ibiza uR169 900.

Inani lihlangani­sa i warranty yesipeshel­i yeminyaka emihlanu noma u-200 000km ne service plan yeminyaka emibili noma u-30 000km.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa