Yimoto yomndeni iDzire entsha
IMOTO: SUZUKI Dzire
SEBEYENZE yaba yimoto ezimele iDzire kwaSuzuki phambilini eyayingenye yezinhlobo zeSwift. Ngesikhathi yethulwa eminyakeni eyedlule kwakuyiSwift eyi-sedan eyayibhekiswe kulabo abafuna iSwift enesinqe yomndeni.
Nokho lokhu sekushintshile njengoba isizimele futhi ibhekiswe kulabo abanemindeni emincane.
Uma uyibuka ngaphambili ishaya ngamalambu amakhulu kanjalo nama-fog lamps ngezansi. Kunemiphico ye chrome eyenzelwe ukuthi ihehe esweni. Ngemuva inamalambu eLED. KwaSuzuki bathe ngenxa yokuthi sekuyimoto ezimele, bayishintshe indlela abakhe ngayo idashboard.
Ifika ne air-conditioner, amawindi kagesi ngaphambili nangemuva, airbag yomshayeli nomgibeli, isiteringi siyakwazi ukuhlelwa ukuthi sibe kanjani, i-alamu, immobiliser kanjalo nendawo yokufaka isihlalo sengane i-ISOFIX. Inhlobo yeGL inanezindawo zokuphuma umoya we-aircon ngemuva kanjalo nenye indawo ye-12V socket, iSuzuki audi system ekwazi ukuxhuma iBluetooth ne-USB, ama fog lamps ngaphambili, izibuko ezifana nombala wemoto futhi ezisethwa ngogesi kanjalo namabhathini esiteringini.
IDzire yakhelwe phezu kwesisekelo seHEARTECT platform eyenza ukuthi isisindo sayo sibe sincane futhi isikhala ngaphakathi sibe sikhulu ngenxa ye-wheelbase ende.
Isikhala sande kakhulu kubagibeli bangemuva njengoba phakathi kwezihlalo zangemuva nangaphambili kunesikhala esandiswe ngo-55mm. Isikhala sasemahlombe sona sinyuke ngo-15 mm.
Isikhala sebhuthi naso sithe ukuthi xaxa uma iqhathaniswa nendala njengoba singu378 litres. Lokhu kusho ukunyuka ngo-78 litres.
Ngaphansi kwebhonethi kukhona injini efana neyeSwift entsha.
Injini ingu-1.2 litre enamandla angu61 kW netorque engu-113 Nm. Idonsa ngamasondo angaphambili kanti inogearbox oyi-5-speed oshintshwayo. Kukhona noyi-automated manual gearbox (AMT) ozishintshayo.
Ukwehla kwesisindo sayo ngo-75 kg uma kuqhathaniswa nendala kwenze ukuthi nendlela edla ngayo uphethroli yehle. Ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha angu-4.9 kweshintshwayo nezishintshayo. AMANANI DZIRE 1.2 GA MT R161,900 1.2 GL MT R177,900 1.2 GL AMT R191,900 Inani lihlanganisa i-warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km ne service plan yeminyaka emibili noma u-30 000km.