Isolezwe

AmaPolicy akusiza ngale kokwazisa umshwalens­e

-

WE HAVE A LARGE VARIETY OF ENGINES AND GEARBOXES TO CHOOSE FROM

UMA uthenga imoto entsha noma esike yasebenza, kubaluleki­le ukwazi ngalama policy angakusiza uma uvelelwa inkinga ngemuva kwesikhath­i ube naleyo nemoto.

Lama policy ayakwazi nokukusiza ngisho lungakaphe­li usuku oyithathe ngalo imoto egaraji othenge kulo. Nanka amanye awo ngezansi: - Credit Life Cover: Lena yi-policy esiza umndeni wakho noma labo obathanday­o uma kwenzeka udlula emhlabeni ngoba ikhokhela isikweletu semoto ngokugcwel­e ukuze bangasali nenkinga yokukhokhe­la imoto yakho.

Uma uba nesifo esenza ukuthi ungakwazi ukusebenza, le policy ikhokha isitolimen­de sakho sezinyanga ukwenzela ukuthi ungabi nayo ingcindezi yemali.

Uma futhi ukhubazeka le policy iyaqhubeka ikhokhele istolimend­e sakho. ·Shortfall cover: Uma kwenzeka imoto iba sengozini bese beyicisha emabhukwin­i (write-off ) noma uma intshontsh­wa ingatholak­ali, le policy ikhokha imali yesikwelet­u esisalayo uma umshwalens­e usukhokhil­e.

Kuyenzeka umshwalens­e ukhokhe imali yesivumelw­ano esikwi- Insurance policy egcina isala incane kunemali oyikweleta ibhange. Lo mehluko wenani ube usukhokhwa yi shortfall cover. ·Scratch ne dent cover: Uma imoto ilimele, umshwalens­e uyakwazi ukuyilungi­sa bese befaka kumarekhod­i abo ukuthi bayilungis­a bese besebenzis­a leyo mininingwa­ne uma bebuyekeza imali okumele uyikhokhe ngenyanga.

Yingakho abantu abaningi bebalekela ukuyisa imoto kumshwalen­se uma ilimele kancane noma ikwebhekil­e.

Basuke benqena ukuthi leso senzo sizongena emabhukwin­i bese bekhokha kakhulu.

IPolicy ye scratch nama dent yona ihlukile kunomshwal­ense ngoba ingangeni emabhukwin­i emshwalens­e kodwa kuba yinto le policy eyilungisa­yo ngaphandle kokutshela umshwalens­e wakho.

Lokhu kusiza imoto yakho ihlale ibukeka, iyintsha ngaso sonke isikhathi njalo.

Le policy ibhekela izimo ezinje:

Uma umzimba ukwebhekil­e, uma ine-dent encane noma ilinyazwe amatshe amancane kwi-bonnet.

Ukukwebhek­a okuncane ku bumper. Ukukwebhek­a ezibukweni Ama-dent amancane emzimbeni

Ukuklwebhe­ka nokulimala kwamarimu emoto yakho.

 ??  ??
 ??  ?? UMA imoto ineScratch ne-dent cover uyakwazi ukufaka isicelo sokuthi ulungiselw­e ngaphandle kokuxhuman­a nomshwalen­se wemoto
UMA imoto ineScratch ne-dent cover uyakwazi ukufaka isicelo sokuthi ulungiselw­e ngaphandle kokuxhuman­a nomshwalen­se wemoto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa