Isolezwe

IWesBank nohlelo lokuvusa abathengi

-

KULESI isikhathi sobunzima kwezomnoth­o, ukuthenga imoto kudinga umthengi azivikele ukuze angangeni agamanxe ephakethen­i. IWesBank ikhiphe amathiphu angasiza abathengi ngaphansi kwesiqubul­o se #Learnsomet­hingNew.

Lezi zinto okumele uziqaphele zingabukek­a zingabalul­ekile ngesikhath­i uyithatha imoto kodwa uma ungazibhek­i zingaba nomthelela omkhulu uma uvelelwa inkinga eqondene nayo imoto. La mathiphu angezansi abaluleke kakhulu kulowo othenga imoto kulesi sikhathi:

Uma uthenga imoto entsha sha, kumele ubalekele ukuyithath­a unyaka usuphela kakhulukaz­i ngoDisemba. Lokhu kumele ukubalekel­e ngoba ilahlekelw­a unyaka wonke wenani layo (value) ngezinsukw­ana.

Imoto uma ibhaliswa esikhungwe­ni sokubhalis­wa kwezimoto (licencing department), lowo nyaka ebhaliswa ngawo kuba yimodeli yawo okuthi uma kudlulela kunyaka ozayo yehle inani layo ongayidayi­sa ngalo (depreciati­on). Kuba ngcono uma uyithenga unyaka uqala ngoba ukwehla kwenani lonyaka kuyahambis­ana nezinyanga oyikhokhel­a ngazo isikweletu.

Uma uthenga imoto esike yabhaliswa umnini noma umdayisi uma beyisebenz­isa ukukhangis­a (demo) kuyasiza ngoba ukwehla kwenani lonyaka kusuke sekukhokhe­lwe ngumdayisi.

Imoto uma uyithenga namuhla iyintsha bese uyidayisa kungakaphe­li nezinsuku, inani lehla ngonyaka okwenza yehle imali ongayidayi­sa ngayo, ngisho isahambe kancane.

Uma uyithenga isiyehlile ngaleli nani le depreciati­on, wena uyakwazi ukonga ikakhuluka­zi uma usufuna ukuyidayis­a singakaphe­li isikhathi sokuyikhok­hela iphele ngokwesivu­melwano nebhange. Ngisho ungayithen­ga ngosuku lokugcina lonyaka kuDisemba ngeke kukushaye lokhu kwehla kwenani ngoba isuke isibhalisi­we okokuqala. Kuyasiza ukuthenga imoto yokukhangi­sa (demo) ngoba isuke isahambe kancane futhi isabukeka ifana nemoto entsha.

Uma imoto onayo ikuxaka ngokuyikho­khela ngenyanga, kubaluleki­le usheshe uthathe izinyathel­o ngaleso simo kungaze kufike lapho idliwa yibhange.

Uyakwazi ukuthintan­a nebhange elihlukile kunalelo obuthenge ngalo imoto uthole ukuthi lingakwazi ukuyitheng­a kuleli bhange onalo ngaleso sikhathi (re-finance).

Kuleso sikhathi uyakwazi ukucela amanani aphansi enzalombol­eko (interest rate) noma unyuse izinyanga zokukhokha okuzowehli­sa imali oyikhokha nyangazonk­e.

Ezinye izinyathel­o ongazithat­ha zibalwa ngenzansi:

Ukuzidayis­ela wena ngokufuna umuntu ongayithen­ga ngemali oyikweleta ebhange. Kubaluleki­le ukwazi ukuthi ubunini (ownership) bemoto abushintsh­i ngaphandle kokuthi ikhokhwe igcwale imali yesikwelet­u semoto (settlement amount). Into ekhombisa umnini wemoto kuba yi-logbook okumele ibe segameni lomnikazi futhi kube ngewungqo, hhayi ikhophi.

Uma umdayisi engenayo engungqo ungayithen­gi leyo moto ngoba kungenzeka kube akuyona eyakhe noma isayimoto yebhange.

Ukushintha imoto ekhokha kakhulu uyishintsh­e ngemoto ekhokha kancane kuyindlela esheshayo futhi ejwayeleki­le.

Lokho kusho ukuthi uthatha imoto onayo ngaleso sikhathi uyidayisel­e umthengisi wezimoto egaraji ofuna ukuthenga kulo imoto ozoyikhokh­ela kancane.

Kumele omdayisela­yo aqale ayikhokhel­e ngokugcwel­e ngaphambil­i kokuthi akunike imoto akudayisel­a yona ukuze isivumelwa­no sebhange semoto endala singahambi­sani nesivumelw­ano semoto entsha.

Uyakwazi nokuthi uye ebhange lakho elikutheng­ele imoto ekuxakayo ngemali, nikhulume ngokuthi usizakale.

Ibhange nebhange linezindle­la zalo lokusiza kule simo lapho libheka indlela yokuthi ukhokhe imali eyehlile. Kubaluleki­le kubathengi ukuthi bangalibal­ekeli ibhange uma sebeqala ukuba nezinkinga ngoba usuke uzilimaza wena.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa