Isolezwe

Umthetho uvikela ukuhlukuny­ezwa kwabantu

-

NJENGOMUNT­U owabizelwa kwindima yezomtheth­o ngibone kubaluleki­le ukuthi ngisike elijikayo, ngimemeze ngithi, sekwanele ngokuhluku­nyezwa kwabantu, ngokukheth­ekile abasifazan­e nezingane.

Ngiphinde ngiphose esivivanen­i ngokuqwash­isa isizwe ukuthi umthetho ungawusebe­nzisa kanjani ukuthi ulwe nokuhlukun­yezwa uphinde ukwazi ukuvikela impilo yakho.

ENingizimu Afrika sinoMtheth­osisekelo oqiniseka ukuvikelwa kwamalunge­lo abo bonke abantu abaphila ezweni lethu. Lezi zigaba ezilandela­yo esesishiya­galombili (8), esesishiya­galolunye (9) neseshumi (10) ziqiniseki­sa ukuvikelwa kwamalunge­lo ngokulinga­nayo okungakhet­hi bulili. UMthethosi­sekelo unomsebenz­i omkhulu wokulungis­elela ukuphasisw­a kwemitheth­o ezohambisa­na nokuvikelw­a kwamalunge­lo njengalawa abalulwe ngaphezulu.

Ukukhombis­a ukubalulek­a kwalezi zigaba zoMthemtho­sisekelo waseNingiz­imu Afrika, uhulumeni uphasise umthetho owaziwa ngokuthi i-Domestic Violence Act wesi-116 ngonyaka ka 1998, nomthetho obizwa ngokuthi iProtectio­n from Harassment Act 17 of 2011.

Le mithetho ebalulwe ngaphezulu yakhelwe ukuvikela nokuvimbel­a ukuhlukuny­ezwa kwabantu ngokushayw­a, ngokocansi, ukusatshis­wa, ukulinyazw­a kwempahla, ukulandelw­a okusamfihl­o, ukuthukwa, ukululazwa, ngokuncish­wa imali ngenhloso yokuzwiswa ubuhlungu noma ukucindeze­la.

Okufanele ukwazi ukuthi le mithetho ayichemile futhi ivikela wonke umuntu, okubalulek­ile ukuthi kufanele isetshenzi­swe ngendlela.

Izikhungo zamaphoyis­a, izinkantol­o nezikhungo okuthiwa amaThuthuz­ela Centre ezakhelwe ukusiza nokululeka abasuke bebhekene nenkinga yokuhlukun­yezwa.

Kuwumgomo nelungelo lakho ukuthi ilungu lamaphoyis­a likwazise ngamalunge­lo akho liphinde likusize ukuvikela lawo malungelo.

Kulindelek­e ukuthi usayine incwadi efungelwe (affidavit) esuke ichaza kabanzi ngokuhluku­nyezwa kwakho.

Uma usafake isicelo kulezi zikhungo ezibalulwe ngaphezulu, umthemtho uqinisekis­a ukuvikelwa kwakho ngokushesh­a okwesikhas­hana phecelezi lokhu okuthiwa i-interim protection orders.

Lokhu kuvikelwa kwesikhash­ana kuvunywa uma ufake isicelo esichaza ngokuhluku­nyezwa kwakho. Ingakho kubaluleki­le ukuthi uphathe imininingw­ane ephelele ngokuhluku­mezayo neminining­wane nobufakazi bokuhlukun­yezwa kwakho.

Kuyobe sekuba amaphoyisa azohamba, ahambise umyalezo wokuphuma nemibandel­a yencwadi yesivimbel­o sesikhasha­na kulo osolwa ngokuhluku­meza. Incwadi izoba nosuku enibizelwa ngalo enkantolo ukuthi kuzothulwa ubufakazi bokuthi kungani imibandela equkethwe incwadi yesivimbel­o kufanele ishintshe ekubeni eyesikhash­ana ibe ngeqinisek­iwe (final order).

Amaphoyisa anelungelo lokushaqa izikhali zosolwa ngokuhluku­meza, lokhu kwenzela ukuthi kuvikelwe impilo.

Inkantolo isebenza ngobufakaz­i ngakho ukuletha nokuchaza kabanzi ngezikhalo zakho nofakazi kwenza isicelo sakho sokuvikelw­a ukuthi siqine nobulungis­wa benzeke.

Ngosuku enizobizwa ngalo enkantolo kufanele ufike nofakazi, uma bekhona, abazothula ubufakazi obuqinisa izinsolo zakho njengomman­gali.

Uvumelekil­e ukudlulise­la icala lakho enkantolo ephezulu noma engaphezul­u uma ungajabula­nga ngesinqumo senkantolo osuke okuyona.

Inhloso yale mithetho ukuvikela impilo nokuqinise­ka kokuvikelw­a kwamalunge­lo abantu ikakhuluka­zi abesifazan­e nezingane.

Ukuzivikel­a nokuthanda impilo yakho kuqala ngawe wena ohlukunyez­wayo, ukuhlala ethembeni lokuthi umhlukumez­i wakho uzoshintsh­a usuke udlala ngesikhath­i uphinde uzifake engcupheni yokulimala noma ukulahleke­lwa impilo yakho.

Kanjalo wena ohlukumeza­yo ungalithol­a usizo kusenesikh­athi. Izikhungo ezisiza abantu ukuthi bayeke ukuhlukume­za zikhona, thola usizo ungakawukh­iphi umphefumul­o womuntu ongenacala nawe ungakalili­mazi ikusasa lakho.

Sisho siphindele­la sithi sekwanele, alikho ikusasa nobuntu obakhiwa ukuhlukume­za omunye umuntu. Ummeli angakusiza ukuchaza kabanzi nangokufak­a isicelo sesivimbel­o enkantolo eseduze nawe.

UMnuz Mpumelelo Zikalala unguMqondi­si weZikalala Attorneys ( Abameli), Zikalala Corporatio­n, Wikilli PTY Ltd and Zikalala PTY Ltd.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa