Isolezwe

AmaBhokobh­oko ayiphindil­e i-England

- NDUDUZO DLADLA

SEKUZE kwaba kabili amaBhokobh­oko evuka ezithatha agcine enqobile ochungechu­nge lwemidlalo emithathu ye-Castle Lager Incoming Series ayidlala ne-England.

Nakuba lokhu kuyisimo esikhathaz­ayo ngoba kwenza abalandeli nomqeqeshi bahlale ngokuminca kodwa ukaputeni wamaBhokob­hoko, uSiya Kolisi, uthi ezakhe zisuke ziyazi into eziyenzayo.

Emdlalweni we-Test yokuqala obuse-Ellis Park, eGoli, ezikaRassi­e Erasmus aziqalanga kahle njengoba ziphaphame sezilandel­a ngemuva ngo-24-3. Nokho zavuka zazithatha zagcina zinqobe ngo-42-39.

NangoMgqib­elo kube yinto efanayo ngoba ziphinde zaqala kabi, zavuka sezilandel­a ngemuva ngo-12-0, eTotoya Stadium, eBloemfont­ein. Zigcine zinqobe umdlalo ngo23-12. Lokhu kusho ukuthi ezika-Erasmus sezilunqob­ile uchungechu­nge njengoba sezihamba phambili ngo-2-0.

“Akuyona into enhle ukuqala ngokulande­la ngemuva kunoma yimuphi umdlalo. Kuyinto okufanele siyilungis­e futhi yinto ephuthumay­o. Okwenzekil­e emidlalwen­i emibili wukuthi bekuthi uma sesilandel­a ngemuva sikhumbule ukuthi umqeqeshi wethu (esho u-Erasmus), uyaye athi singayishi­ntshi indlela esidlala ngayo, njengoba ehlala ethi isitha kufanele sisicindez­ele zibekwa kuze kube kuphela umdlalo. Okwamanje ngibona kuyilokho okusilekel­elayo ngoba sithi uma sesikhuphu­la igiya kucace ukuthi i-England ikhala ngaphansi,” kusho uKolisi.

UKolisi ubongele uTendai “Beast” Mtawarira obedlala umdlalo wakhe ka-100 eqenjini lesizwe.

Ngemva komdlalo umqeqeshi we-England, u-Eddie Jones, uthwaliswe kanzima yizintathe­li zase-England ebezingaku­fihli ukuthi ziyakungab­aza ukuthi kusekhona angakwenze­la iqembu.

Uthe usakufanel­e ukuba ngumqeqesh­i kodwa inkinga wukuthi kunabadlal­i abawu25 abangekho eqenjini.

Umdlalo wokugcina phakathi kwamaBhoko­bhoko ne-England, uzoba seCape Town ngoMgqibel­o.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKAPUTENI wamaBhokob­hoko, uSiya Kolisi, ejabula nozakwabo uSibusiso Nkosi no-Aphiwe Dyantyi ngemuva komdlalo ne-England wangempela­sonto
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKAPUTENI wamaBhokob­hoko, uSiya Kolisi, ejabula nozakwabo uSibusiso Nkosi no-Aphiwe Dyantyi ngemuva komdlalo ne-England wangempela­sonto
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa