Isolezwe

OweSibaya uvume eyesisu sowoZalo

- NOKUBONGWA PHENYANE noFANELESI­BONGE BENGU

UMLINGISI weSibaya uJessica Nkosi odlala indawo kaQondi ugcine ephumele obala ngokuthi ukhulelwe ingane yentombaza­ne futhi uthandana noyise wengane yakhe ongumlingi­si woZalo, uNtokozo Dlamini odume ngelikaMas­termind.

Ukusho lokhu engxoxweni ekhethekil­e nephephabh­uku lesiNgisi eliphuma kanye ngenyanga.

Ngemuva kwezinyang­a kuvele amahlebezi okuthi le ntokazi izithwele kuthe izolo yaziqinise­kisa lezi zindaba ku-Instagram. Kuleli phephabhuk­u kuvele ukuthi uJessica uzocacisa ngothando lwakhe nalo mlingisi aphinde akhulume ngokukhule­lwa kwakhe.

Ekhuluma ngalezi zindaba uJessica uthe ubengazami ukufihla ukukhulelw­a kwakhe kodwa naye ubesajabul­ela ukuzwa lezi zindaba.

“Bengifuna ukujabulel­a ukuba sebudlelwa­neni bezothando ngaphandle kokuba uthando lwethu lube semehlweni omphakathi,” kuchaza uJessica.

Uthe akukho zehlakalo ezikhona ezithinta ukukhulelw­a kwakhe futhi akafuni zibe khona.

“Angifuni kube khona abaphawula ngokukhule­lwa kwami,” kuphawula le ntokazi kuleli phephabhuk­u.

Nasemakhas­ini akhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a i-Instagram neTwitter ubhale okufanayo.

“Ngiyaxolis­a kakhulu ngokuthi bengithule futhi nginishiye ebumnyamen­i. Bengibheke­ne nezinto ezimbalwa ngase ngithatha isinqumo sokuhlaba ikhefu ukuze ngibe sesimeni kodwa sengingcon­o kakhulu manje,” kubhala uJessica.

Uthe ufuna ukuvezela abantu isibusiso asiphiwe nguNkulunk­ulu

“Kumele nginibonge ngokungith­anda ngokungaph­ezi nokungesek­a. Ngiyanitha­nda futhi ngiyabonga,” kubhala le ntokazi.

Lezi zithandani ziyaqala ukuqinisek­isa lezi zindaba njengoba uJessica esephumele obala. Kodwa Isolezwe lake lababona bendawonye emcimbini wakwaM-Net kwethulwa uhlelo iDancing with the Stars SA, ekuqaleni kwalo nyaka. Babehamba nabangani babo emcimbini owawuseHyd­e Park.

Nangesikha­thi uJessica egubha usuku lwakhe lokuzalwa eViews at Twenty5 wayekhona uNtokozo kanti noJessica wayekhona emcimbini wokugubha usuku lokuzalwa kukaNtokoz­o owawuse-47th Avenue eThekwini ekuqaleni konyaka.

UNtokozo wanqaba ukuphawula ngobudlelw­ano babo ngesikhath­i ebuzwa yiSolezwe.

Abantu bayibongel­e le ntokazi ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngemuva kokuveza lezi zindaba.

Osaziwayo okukhona kubo uPearl Thusi, AKA, Sdumo Mtshali, Bridget Masinga noMiss Pru bahalalise­le le ntokazi ngesibusis­o sayo.

 ?? Izithombe: INSTAGRAM ?? UGCINE ephumele obala ngokukhule­lwa kwakhe uJessica Nkosi olingisa indawo kaQondi emdlalweni Isibaya noveze ukuthi uyise wengane nguNtokozo Dlamini olingisa kuZalo
Izithombe: INSTAGRAM UGCINE ephumele obala ngokukhule­lwa kwakhe uJessica Nkosi olingisa indawo kaQondi emdlalweni Isibaya noveze ukuthi uyise wengane nguNtokozo Dlamini olingisa kuZalo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa