Isolezwe

Ujabulile ngesenzo sikaSomizi umndeni kaBobo

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMNDENI womfana osezakhele igama ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngokuhlala efuna ukuphaqulw­a ubuso aphinde afakwe izinwele, uthi ujabule ngemuva kokuthi ehlangene noSomizi Mhlongo othembise ukuthi uzomqhuba ezifundwen­i zakhe uma eseqede isikole.

Umndeni kaSibongis­eni “Bobo” Mbhele (17), uthe ujabule ubona ukuthi izinto zimhambela kahle.

Esiqeshini iLiving the Dream with Somizi, esidlale ngempelaso­nto kubonakale uSomizi noBobo bechitha isikhathi ndawonye.

NgoLwesine esiya kulo kuMzansi Magic, iningi lizobona uBobo waKwaNdeng­ezi, ezihlalele noSomizi enziwa ubuso uDiva Cadash, ongumphaqu­li kaSomizi.

USomizi ekhuluma kulolu hlelo uveze ukuthi wabona uBobo ezinkundle­ni zokuxhuman­a wacela ukuthi bamhlangan­ise naye.

“Lwaze lwamnandi usuku lwami njengoba ngihlangan­e noBobo namhlanje. Ngamthanda ngiqala ukumbona ezinkundle­ni zokuxhuman­a futhi ngafuna ukuhlangan­a naye,” kusho uSomizi kulolu hlelo.

Uthe ubefuna ukufezekis­a iphupho likaBobo lokufuna ukufakwa izinkophe, aphaqulwe ubuso aphinde afake izinwele.

“Ngifuna ukuthi uzimisele esikoleni uma uphase kahle ngizokufun­disa. Ukulula isandla kumuntu oyedwa nje kusho lukhulu kimina ngakho uBobo ngifuna ukumsiza,” kuchaza uSomizi.

Udadewabo kaBobo, uNozipho Mbhele, uthe bengumnden­i kuyabajabu­lisa ukubona izinto zimhambela kahle kanje uBobo.

“Ufunda uGrade 9, esikoleni sezingane ezithatha kancane, iNingizimu Special School, eMontclair eThekwini. Umama wasishiya sibancane ngo2002,” kuchaza uNozipho.

Uthe uBobo ubehlala ebatshela ukuthi ufisa ukuba umculi nokuba umlingisi okuyinto ababona sengathi izofezeka maduzane.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UBobo ugqame kwabaningi ezinkundle­ni zokuxhuman­a ekhuluma amahlaya ahlukene obekwenza ama-video akhe abukwe kakhulu muva nje
Isithombe: SITHUNYELW­E UBobo ugqame kwabaningi ezinkundle­ni zokuxhuman­a ekhuluma amahlaya ahlukene obekwenza ama-video akhe abukwe kakhulu muva nje
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa