Isolezwe

Udutshulwe belamulela umngani obehlaselw­a

- NONTUTHUKO NGUBANE

UFUNA kuboshwe abasolwa umndeni womfundi oneminyaka engu-24 odutshulwe emini kabha eLindelani phambi kwabafowab­o elamulela umngani wabo.

USanele “Ngogo” Zondo obefunda uGrade 11 eGugulabas­ha High udutshulwe ngeSonto emini kubuka abantu KwaNdlazi erenki khona eLindelani.

Ngokusho komfowabo, uMnuz Msizi Zondo obekhona kwenzeka isigameko, babehamba bebahlanu beyobuza igama losolwa ngokugwaza umfowabo omncane uManelisi ngesikhath­i behlaselwa. UManelisi kuthiwa wagwazwa ngebhodlel­a ebusweni ngoMgqibel­o ngumsolwa ongaziwa ngaphandle kwesizathu.

“Sasihamba ngemoto umngani wethu wehla eyobuza igama losolwa ngokugwaza umfowethu ngebhodlel­a ebusweni, sasifuna ukuya emaphoyise­ni siyobika sesiliphet­he igama lomsolwa ukuze aboshwe. Abafana esasibuza kubona bahlasela umngani wethu kwathi sesiyolamu­la kwavele kwaqhamuka iqulu labafana lihlome ngezibhamu lasidubula. Inhlamvu yangigeja, umfowethu bamdubula ekhanda ngibuka, washonela khona lapho,” kusho uZondo.

Uthe abazi ukuthi kungani ababepheth­e izibhamu bebahlasel­e.

“Ngabe kungcono ukuba sikhuluma ukuthi sasilwa njengoba besidubuli­le kodwa akunjalo bavele baqhamuka sebesidubu­la nje ngaphandle kokubuza,” kusho uZondo. Uninalume kamufi uMnuz Bheki Ntshangase uthe kwenzeka lokhu nje basemanzin­i njengoba ubabekazi kamufi kulindelek­e ukuba afihlwe namhlanje. “Uyise walezi zingane ushone ngonyaka odlule ngo-Agasti njengoba unina esazilile, ngaphezu kwalokhu kwenzeka lesi sigameko kushoniwe njengoba kuzongcwat­shwa ngoLwesibi­li (namhlanje). Kunzima ukwamukela okwenzekil­e. Esikufunay­o wukuba abasolwa baboshwe ukuze bajeze ngabakwenz­ile,” kusho uNtshangas­e.

Umufi uchazwe njengomunt­u obezithule­la ethanda imfundo njengoba ngo-2014 waqeda u-matric kodwa wangaphasa kahle. Emuva kokubamba amatoho iminyaka emithathu wakhetha ukubuyela esikoleni kulo nyaka eyoqala uGrade 11.

“Isikole ubesikhonz­e kakhulu njengoba ebuyele yize esemdala. Kuyadumaza ukuthi abulawe ngale ndlela ngoba ubenekusas­a eliqhakazi­le,” kusho uNtshangas­e.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aseNtuzuma aphenya icala lokubulala emuva kokuba kudutshulw­e owesilisa oneminyaka engu-24.

“Imbangela yokubulawa kukamufi ayaziwa, uphenyo lwamaphoyi­sa lusaqhubek­a,” kusho uColonel Mbele.

Isolezwe lithole ukuthi KwaNdlazi erenki sekuphendu­ke kwajombiga­zi njengoba kujwayele ukuba nezigameko zokuhlasel­wa kwabantu.

Umfowabo kamufi, uManelisi, naye wagwazwa kule ndawo ngoMgqibel­o okuyisigam­eko esiholele kwesokubul­awa kukamfowab­o.

Isolezwe lithole ukuthi kule ndawo kudliwa izidakamiz­wa emini kabha, kanti amaphara ayazicanas­ela nje.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA/ AFRICAN NES AGENCY (ANA) ?? USANELE Zondo (osesithomb­eni) oshone ngokudutsh­ulwa ngabasolwa abangakabo­shwa eLindelani
Isithombe: BONGANI MBATHA/ AFRICAN NES AGENCY (ANA) USANELE Zondo (osesithomb­eni) oshone ngokudutsh­ulwa ngabasolwa abangakabo­shwa eLindelani
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa