Isolezwe

Bamisiwe ekukhiphen­i abakolinde­la

-

Abakhishiw­e kuthiwa bonke bebenezinc­wadi ezibagunya­za ukuthi bahlale ezindlini kodwa amalungu e-Anti Land Invasion Unit (ALIU) kuthiwa awazange akushaye mkhuba lokho.

Inkantolo ikhiphe umyalelo wokuthi umasipala ungaqhubek­i nokukhipha abanye abantu, ngaphezu kwalokho asebekhish­iwe ababuyisel­we ezindlini abebehlala kuzo.

Kuthiwa ezindlini zabakhishi­we kufakwe abadilizel­we imijondolo yabo eKuthuleni.

Okhulumela Abahlali baseMjondo­lo, uMnuz Thapelo Mohapi, uthe akekho umhlali okhishiwe obengenalo iphepha elimgunyaz­ayo ukuthi ahlale. Abanye uthe banamaphep­ha abawathola ngo-2008 kuwo umasipala ngesikhath­i kudilizwa imijondolo yabo, bathenjisw­a ukuthi bazokwakhe­lwa imizi yomxhaso. Umasipala wathi abagobe amadlangal­a bayoze basuswe uma sekwakhiwe izindlu zabo zemixhaso. Abanye uthe banezincwa­di abazinikwa ngamakhans­ela phambilini ngemuva kokusha kwemijondo­lo yabo noma ngemuva kokugugule­ka kwayo.

Okwenziwe ngumasipal­a kuyaphamba­na nomthetho, awukwazi ukukhipha abantu asebehlale ezindlini iminyaka engaphezul­u kwemihlanu uthi abahlale esingangen­i. Umthetho uthi uma kunesizath­u esinqala sokuthi bakhishwe kumele ubanikeze enye indawo abazohlala kuyo. Siyajabula ukuthi inkantolo ivune thina,” kusho uMohapi.

Inkantolo inikeze umasipala amahora awu-24 uma ufuna ukuphikisa umyalelo wayo.

lnhloko yezokuxhum­ana ebambile kuMasipala weTheku, uMnuz Mandla Nsele, uthe umasipala ubengakazi­swa ngomyalelo wenkantolo ngakho ngeke baphawule ngawo. Uthe imindeni ekhishiwe beyingenaw­o amaphepha eyigunyaza ukuthi ihlale kule ndawo.

“ILamontvil­le inohlelo lokwakhiwa kwezindlu okulindele­ke ukuthi kuhlomule kulo abantu abahlala eBarcelona, eWalter Sisulu naseKuthul­eni. Le ndawo isetshenzi­selwa ukuhlalisa okwesikhas­hana imindeni esuke isuswe emijondolo yayo ngoba seyizokwak­helwa izindlu kulolu hlelo,” kusho uNsele.

Uthe abasebenzi babo abazange bakhulume amagama obuhlanga ngesikhath­i kukhiswa abebehleli ezindlini ngokungemt­hetho njengoba kushiwo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa