UKhongolose ulwa impi yokubuyisana
SIMAPEKETWANE isimo kwi-ANC njengoba kumiswe izingqungquthela zezifunda eGoli, e-Eastern Cape kunohlangothi olufuna kuhlakazwe ubuholi besifundazwe kanti naKwaZulu-Natal izingqungquthela zivinjwa yizinkantolo.
UNobhala Jikelele wale nhlangano, uMnuz Ace Magashule, izolo uthe bayazama ukuxazulula zonke izinkinga zangaphakathi zenhlangano ngaphandle kokuthi kuyiwe ezinkantolo.
UMagashule uthe balindele ukuthi amalungu alandele yonke imigudu yenhlangano njengoba kumele baqale emagatsheni, badlulele ezifundeni baye ezifundazweni bese begcina kuzwelonke uma benezinkinga.
Uthe izohlala ingqungquthela yokukhetha ubuholi besifundazwe iKwaZulu-Natal yize engashongo ukuthi nini.
“Ukhona umsebenzi oqhubekayo eKZN, ingqungquthela izohlala. Mkhulu umsebenzi owenziwe eHarry Gwala naseLower South Coast, kulezi zifunda sekumi ngomumo ngezingqungquthela. EMoses Mabhida uyaqhubeka umsebenzi,” kusho uMagashule ekhuluma nabezindaba ePitoli njengoba bekuqhubeka umhlangano wesigungu esiphezulu sale nhlangano.
Uthe banqume ukumisa zonke izingqungquthela zaseGauteng ukuze balungise zonke izinkinga.
Ngesikhathi kuqhubeka lo mhlangano bekunamalungu aseWest Rand eGauteng abengaphandle kwaseSt George Hotel, lapho ebebhikisha ngaphandle, ezozwakalisa izikhalazo, engafuni kuqhubeke ingqungquthela ngempelasonto.
Uthe izithunywa zesigungu esiphezulu zizoya e-Eastern Cape njengoba inkantolo enkulu eGoli inqume ukugodla isinqumo odabeni oluthinta amalungu angeneme, abefuna kuphoqwe ubuholi bukazwelonke ukuthi buhlakaze ubuholi besifundazwe ngokomyalelo wekomiti elajutshwa yile nhlangano elaliholwa nguMnuz Sbu Ndebele.
UMagashule uthe bazohambisana nayo yonke imiyalelo yenkantolo wathi bazolinda isinqumo senkantolo.
“Sizoqhubeka sibumbe isifundazwe (EC) ngoba ingqungquthela (yaseNasrec) yasijuba ukuthi sibumbane.”
UNdebele waphakamisa ukuthi kuhlakazwe ubuholi bukaSihlalo uMnuz Oscar Mabuyane, kujutshwe ithimba lesikhashana elizofaka izinhlangothi ezimbili ukuze kube nobumbano.
UMabuyane wahlula uMnuz Phumulo Masualle engqungqutheleni eyagcina isiba nodlame kwagqenywana nangezihlalo, kwaba khona abalimalayo.
UMabuyane uthe abathukile ngecala elifakwe enkantolo wathi, bazoqhubeka nomsebenzi wabo.
“UMasualle uyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC ngakho ngeke ashiye khona eze esifundazweni.”
Abahlaziyi bathe izinto zisazoshuba ngoba kukhona abantu abafuna ukuziveza.
UMnuz Thabani Khumalo, umhlaziyi ozimele, uthe baningi abangeneme abasazovela njengoba kubhekwe okhethweni.
“Sisazobona abebevalelwe ngaphandle bephumela obala njengoba kubhekwe okhethweni. Njalo uma kukhona izinguquko kubakhona abangafuni ukuphuma emandleni, bafuna ukuqhubeka bazuze, abangaphandle bazame ukungena,” kusho uKhumalo.
UMnuz Bukani Mngoma, umhlaziyi, uthe i-ANC izoya okhethweni ixhugela, hhayi ngenxa yamaqembu aphikisayo kodwa ngenxa yezinkinga zangaphakathi.
“Inkinga iqale ekutheni ubuholi obukhethiwe bukhethwe ngokwezinhlangothi yingakho izinkinga ezikhona zingaxazululeki. E-EC, KZN, Gauteng neNorth West kunezinkinga.”
UMagashule uthe njengoba kuwunyaka kaMandela, nsuku zonke bazokhipha amazwi obuhlakani kalo mholi balungiselela usuku lwakhe olungenyanga ezayo.
Namhlanje kunesithangami nabezindaba ekomkhulu le-ANC, eLuthuli House.