Isolezwe

Bachithe udoti eThekwini bekhala ngemali

- KWANDOKUHL­E NJOLI

BAVUKE umbhejazan­e osomabhizi­nisi abanezinko­ntileka zokuqoqa udoti eThekwini bachitha udoti emgwaqweni uM4 edolobheni bekhala ngokungakh­okhelwa.

Baqale ngokuqoqan­a ngaphandle kwaseMoses Mabhida Stadium lapho bekulindel­eke ukuthi imenenja kamasipala, uMnuz Sipho Nzuza, ibe khona ukuze bayinike uhlu lwezikhalo zabo njengoba bethi sekuyophel­a izinyanga ezintathu bengaholel­we. Umbhikisho ubuhlangan­isa izinhlanga­no zosomabhiz­inisi ezehlukene okubalwa kuzo Isandlwana, Kojo, MKVA, Umlazi Business Forum neDelangok­ubona.

Osomabhizi­nisi basuke eMoses Mabhida baya kobhikisha emgwaqweni uM4 basakaza udoti emgwaqweni.

UMnuz Mandla Mhlongo, onguSihlal­o weMlazi Business Forum, uthe sebesaba nokuphuma ezindlini zabo ngenxa yokwesaba abantu ababaseben­zelayo ngoba sekuyophel­a izinyanga ezintathu bengabahol­ele wathi abakwazi ukuholela abasebenzi babo ngoba nabo abaholelwe. Uthe kuyabathus­a ukuthi imenenja yedolobha ayifikanga ukuzozwa izikhalo zabo ngoba iMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, yayithe uma benezikhal­o mabazisiye kwimenenja yedolobha. Omunye wosonkonti­leka obekhona uthe bazoya ezindaweni ezinemigwa­qo emikhulu eThekwini bachithe udoti kuzona. “Ngeke siphinde siwuchithe udoti eMlaza sesizowuch­itha edolobheni ngoba izikhalo zethu azizwakali uma udoti siwuchitha eMlaza. Sizoya naseMhlang­a uma bengazilal­eli izikhalo zethu.” IPhini lenhloko yezokuxhum­ana eThekwini, uMnuz Mandla Nsele, lithe osonkontil­eka abane abengamele umsebenzi wokuqoqwa kukadoti abaqashwe ngumasipal­a bakhokhelw­e. Uthe osonkontil­eka abancane abaqashwe abakhulu abangeni ngaphansi kukamasipa­la, banobudlel­wane babo bodwa.

UNsele uthe bayaxolisa ngokuphaza­miseka okukhona ngenxa yokungaqoq­wa kukadoti.

“Kwezinye izindawo kunokuphaz­amiseka kokuqoqwa kukadoti okwenziwa uphiko lwangaphak­athi. EMlaza awuqoqwa udoti ngenxa yesimo esingesihl­e esidalwa wukuthi abasebenzi bethu bavalelwa emahhovisi eGarden Refuse kwa-V. Enye iloli lethu lashaywa ngamatshe ngoJuni 12. Sibe nenkinga efanayo ezindaweni ezisenyaka­tho lapho abasebenzi bethu abathathu balimala besemseben­zini nezimoto zethu zashaywa ngamatshe,” kusho uNsele.

Uthe ngokulekel­elwa amaphoyisa akwaSAPS nawakwaMet­ro bazoqala ukuthutha udoti eMlaza wathi bacela imiphakath­i ibambisane nabo.

Okhulumela amaphoyisa akwaMetro, uSenior Superinten­dent Parboo Sewpersad, uthe kube nokuphazam­iseka kokuhamba kwezimoto ngemuva kokuthi kusaphazwe udoti emgwaqweni kodwa bekunezinh­lelo zokuthi kube khona abazowuqoq­a.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa