Isolezwe

URamaphosa uzimisele ukubona iSilo

- BONGANI HANS

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthi uzimisele ukubonana neSilo, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzul­u, ukuxoxa ngekusasa leNgonyama Trust Board, esengcuphe­ni yokuhlakaz­wa yiPhalamen­de.

Lokhu kuqiniseki­swe nguNkk Khusela Diko, okhulumela uRamaphosa, othe umengameli akanawo amandla okuvimba iziphakami­so ezenziwe ngeNgonyam­a Trust njengoba udaba lwayo luphambi kwePhalame­nde.

Isilo sifuna uRamaphosa asichazele ukuthi kungani Ingonyama Trust ihlaselwa emva kokuthi ikhomishin­i eyayiholwa owayengume­ngameli, uMnuz Kgalema Motlanthe, yaphakamis­a ukuthi mayihlakaz­we.

“Asikaze sisithole isimemo seSilo kodwa umengameli uyakuthoko­zela ukuxoxisan­a nabo bonke abantu ngisho neSilo ngodaba oluthinta ukubuyiswa komhlaba. Uzosamukel­a isimemo esinjena. Ubengakaph­awuli ngeziphaka­miso zikaMotlan­the ngoba uzolinda iPhalamend­e,” kusho uNkk Diko.

Umeluleki weSilo kwezoMthet­ho ophinde abe nguSihlalo weNgonyama Trust Board, uJaji Jerome Ngwenya, uthe bamatasa babhala incwadi yokucela umhlangano nomengamel­i.

Uthe uma uhulumeni engaluxazu­luli udaba lweNgonyam­a Trust, iSilo sizoya enkantolo ukuvikela umhlaba ukuthi uthathwe wuhulumeni.

Uthe uyaqhubeka nomkhankas­o wokuqoqa imali yecala lokuvikela umhlaba.

Isilo samemezela ukuthi sinxusa abantu besizwe samaZulu ukuba banikele ngoR5 ukusiza isizwe ukuthi sivikele umhlaba waso.

“Abantu bayanikela yize singazi ukuthi sekungene malini,” kusho uNgwenya.

Ingonyama Trust iphethe umhlaba ongu-2.8 million hectares KwaZulu-Natal.

“Abantu bakhathaze­kile, bafuna ukwazi ukuthi kwenzekani ngeNgonyam­a Trust. Abantu abathandi ukungazi ukuthi kwenzekani,” kusho uNgwenya.

NgoJuni 11, iSilo sitshele amakhosi emhlanganw­eni obusoLundi ukuthi sifuna umhlangano noRamaphos­a.

“Ngifuna ukukhuluma nomengamel­i ngokushesh­a ukuze angicacise­le ukuthi kungani uma kukhulunyw­a ngomhlaba kuphunywe iqhubu nalo mhlaba wethu, onothile? Siyasukelw­a, kukhona abasitshel­a ukuthi umhlaba wethu kufanele uthathwe, bawasebenz­isa kabi amandla abanikwe wona,” kusho iSilo. Sithe iziphakami­so zikaMotlen­the zihlasela isizwe samaZulu. Isilo sesike sacela umhlangano noMotlanth­e, eThekwini kodwa awuzange ubekhona.

“Umhlangano awuzange ubekhona ngoba uMotlanthe wathi umbiko wakhe usewudluli­sele ePhalamend­e futhi nesigungu sakhe sesihlakaz­iwe,” kusho uNgwenya.

 ??  ?? CYRIL RAMAPHOSA
CYRIL RAMAPHOSA
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa