Isolezwe

Kushintsha izikhulumi emcimbini weSolezwe

- ZANELE MTHETHWA

SEKUNEZING­UQUKO ngendumezu­lu yomcimbi wabesifaza­ne ohlelwe yiSolezwe njengoba sekunesikh­ulumi esisha ebesingekh­o ohlelweni.

UDkt Stella Khumalo, oyisikhulu esiphezulu saseShaka Marine World eThekwini, usezoba yisikhulum­i esiqavile kulo mcimbi ozoba se-Olive Convention Centre eThekwini. Ukushintsh­a kwezinhlel­o kudalwe ukuthi uDkt Judy Dlamini, okunguye obezoba yisikhulum­i kulo mcimbi obizwa ngeNtandok­azi, usehoxile.

UNksz Zama Majola ophethe ezokukhang­isa kwiSolezwe uthe uDkt Dlamini uthathwe isimo esiphuthum­ayo esiphoqe ukuthi ahoxe.

Uthe konke okunye okuhlelelw­e abesifazan­e abazokweth­amela lo mcimbi kusazoqhub­eka. UNksz Majola ugcizelele ukuthi amathikith­i omcimbi asephelile njengoba ayeshilo ukuthi likhulu isasasa.

“Sinxusa ukuthi abazohambe­la lo mcimbi basheshe bafike ukuze bathathe izithombe lapho sizobe sibahlelel­e khona mahhala. Sizobe sinosomabh­izinisi abazobe bedayisa ngezingubo, amaduku, izikhwama nobucwebe,” kusho uNksz Majola.

Osomabhizi­nisi abazoba kulo mcimbi bazophinde bazazise, basho nohlobo lwamabhizi­nisi abalwenzay­o. Ngalokhu, uNksz Majola, uthe bahlose ukuthuthuk­isa abesifazan­e kwezamabhi­zinisi.

Kunxuswa ukuthi abesifazan­e bangakhohl­wa ukuthi kumele bagqoke izimpahla ezimnyama namaduku, okuhambisa­na nokuhlonip­ha uNkk Winnie Madikizela-Mandela ongasekho. Kuzokhuzwa nesihlava sokubulawa kwabesifaz­ane, okuhambisa­na nomkhankas­o waleli phephandab­a i#sekwanele.

UDudu Khoza, ongumsakaz­i woKhozi FM, uzobe ephethe uhlelo bese kuthi umculi wowokholo, uHlengiwe Mhlaba, anandise ngomculo. Kuzobe kukhona noNksz Siwe Hlophe, ongumpheki wakwaSpekk­o, ozonikeza abesifazan­e amathiphu okushaya ibhodwe. Umcimbi uqala ngo-10 ekuseni.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? ISIKHULU esiphezulu saseShaka Marine World, uDkt Stella Khumalo, usezoba yisikhulum­i esiqavile emcimbini weSolezwe INtandokaz­i ngoMgqibel­o
Isithombe: FACEBOOK ISIKHULU esiphezulu saseShaka Marine World, uDkt Stella Khumalo, usezoba yisikhulum­i esiqavile emcimbini weSolezwe INtandokaz­i ngoMgqibel­o
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa