Isolezwe

Babhikishe­le isitshuden­i esishonile

- ZANELE MTHETHWA

ABANGANI nezihlobo besitshude­ni esiphahlaz­eke esitezi babhikishe emasangwen­i eDurban University of Technology (DUT), eThekwini, befuna incazelo ngokufa kwaso.

Umbhikisho ubuseDUT izolo ekhempasin­i yaseML Sultan ababhikish­i befuna incazelo ngokufa kukaXolani Khumalo (21) waseMlaza. UKhumalo wathanqaze­ka wafa esitezi sesihlanu emagcekeni aseDUT ngoJuni 8.

Ngokwemibi­ko esabalale emuva kokushona kukaKhumal­o, obefunda unyaka wesithathu kwiTransla­tion and Interpreti­ng Practice, wayebaleka ekade ephuce esinye isitshuden­i sesifazane iselula. Izolo embhikishw­eni bekukhona nezihlobo zikaKhumal­o ongcwatshw­e ngoMgqibel­o.

UMnuz Wonderboy Mwali, umzala kamufi, uthe ngeke baphumule bengathola­nga ukuthi ufe kanjani.

“Sithole ukuthi wayejahwa ngoba entshontsh­e iselula kanti nalokho akuhlangan­i kahle. Kuthiwa waphonseka esitezi emathoyile­thi abesifazan­e kodwa ngesikhath­i kufika onogada bemkhuthuz­a esewile, kwatholaka­la amaselula akhe kuphela. Iselula okuthiwa yayintshon­tshelwa intombazan­e yatholakal­a kwelinye ibhilidi khona eDUT,” kusho uMwali.

Uveza nokuthi ifasitela okuthiwa waziphonsa kulo umufi lincane kakhulu.

“Okubi wukuthi iDUT ithule ngayo yonke le nto ngoba izama ukuvikela isithuzi sayo. Abaphathi abakaze bafike emndenini. Ngisho emngcwaben­i kwakukhona abefunda nabo kuphela,” kusho uMwali.

Kuke kwaba nezinsolo zokuthi umfundi wayezama ukuzibulal­a, nalokhu umndeni wakhe ukuchithil­e. Umngani kamufi ophinde abe sekomitini le-ANCYL eDUT, uFanele Sithole, uthe abamazeli ukweba umufi. Uthe bebebheke ukuthi athweswe iziqu ngonyaka ozayo futhi ngokwazi kwabo ubengenazo izinkinga ebezingame­nza azibulale. Uthe bafuna ukuzibonel­a amakhamera eDUT, bezwe nangentomb­azane okuthiwa wayeyiphuc­a iselula ngoba kumanje ifihliwe.

Umufi kuthiwa ubephuma emndenini okholwayo enesiphiwo sokukhanda izimoto namaselula.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLieutenan­t Colonel Thulani Zwane, uthe kuvulwe idokodo ngokushona kowesilisa owaphahlaz­eka esitezi eDUT.

UMengameli womkhandlu wezitshude­ni, uSphephelo Mthembu, uthe ubengazi ukuthi bekunombhi­kisho izolo ngoba ubesekhaya elungisele­la ukubhala.

“Kuningi osekushiwo ngalesi sitshudeni nathi okusididay­o ngoba sizwe kahle ngoLwesihl­anu ukuthi ubesifunda eDUT. Bengithemb­ise abangani bakhe ukuthi sizozama ukusiza ukuthola umbiko ngokushona kwakhe. Ngiyamanga­la uma sebebhikis­ha,” kusho uMthembu.

Isitatimen­de sabaphathi beDUT sithe kusaphenyw­a ngalolu daba.

 ?? Isithombe: TUMI PAKKIES ?? ABANGANI nezihlobo zikaXolani Khumalo obeyisitsh­udeni eDurban University of Technology abebebhiki­sha izolo befuna izimpendul­o ngokushona kwakhe
Isithombe: TUMI PAKKIES ABANGANI nezihlobo zikaXolani Khumalo obeyisitsh­udeni eDurban University of Technology abebebhiki­sha izolo befuna izimpendul­o ngokushona kwakhe
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? AKUCACI ngokushona kukaXolani Khumalo obeyisitsh­udeni eDurban University of Technology owaphoseka esitezi kulesi sikhungo
Isithombe: SITHUNYELW­E AKUCACI ngokushona kukaXolani Khumalo obeyisitsh­udeni eDurban University of Technology owaphoseka esitezi kulesi sikhungo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa