Isolezwe

Umndeni wethembisa ukubopha abakwasidl­odlo

- NONTUTHUKO NGUBANE

FUNA ukubopha amaphoyisa umndeni kagogo wengane eyatholwa ibulewe obethweswe amacala okubulala umzukulu kodwa agcina ngokuwahox­isa.

Umndeni wakwaMdlet­she, oseNkundus­i eMtubatuba, utshele Isolezwe ukuthi uhlazekile njengoba sekuboshwe amalungu amabili omndeni wabo ngokushona kwengane eneminyaka emithathu, uGamelihle “Gamo” Mdletshe.

Isidumbu sakhe satholakal­a emva kwezinsuku ezintathu edukile sintanta emfuleni, sicwiyiwe ngoDisemba ngonyaka odlule.

NgoJanuwar­i 13 kube sekuboshwa, uMnuz Khehla Mdletshe, ongumkhulu omncane kamufi. Wadedelwa ngoJanuwar­i 15 ngaphandle kokubekwa amacala ngokusemth­ethweni ngoba kuthiwa abukho ubufakazi bokuthi uyathintek­a ecaleni.

NgoMashi amaphoyisa aphinde agasela kaMdletshe abopha ugogo wengane, uNksz Ntombibomv­u Mdletshe (62). NgoLwesibi­li oledlule amacala ahoxisiwe ngoba kuthiwa abukho ubufakazi.

Lokhu kuboshwa kwezihlobo, Isolezwe lithole ukuthi, sekuxove umndeni njengoba bengasange­nelani.

UMnuz Bongamandl­a Mdletshe, ongumkhulu wengane, uthe kubahlukum­ezile kakhulu ukuboshwa kukamfowab­o nenkosikaz­i yakhe.

“Unkosikazi wami usemdala kakhulu ukuba igama lakhe lingadicil­elwa phansi ngale ndlela. Amaphoyisa awakaze afike ekhaya exoxe nathi ngalolu daba. Sizokhulum­a nommeli ophethe udaba ngoba sifuna amaphoyisa aboshwe ngakwenzil­e, esiphoxa,” kusho uMdletshe. Kwenzeka lokhu nje umfowabo, uKhehla, abasangene­lani naye njengoba emva komngcwabo waboshwa, esephuma ejele wafuna incwadi yokuvimbel­a uBongamand­la nezingane zakhe ukuba zingasonde­li kuyena emva kokuba ezizwe engaphephi­le.

Kuthintwa uKhehla uqinisekis­ile lokhu. “Ngavulelwa icala ngaboshwa ngithintek­a ekushoneni komzukulu, ngithe sengibuya esitokisin­i ngabizelwa emhlanganw­eni wokuya emhlahlwen­i womndeni nokwaba nzima ukuba ngibe yingxenye yawo ngenxa yesimo. Ngize ngafuna incwadi yokuba bengasonde­li kumina. Ukuboshwa komsolwa nokuphothu­lwa kwecala yikhona okuyoqeda izinkulumo. Siwumndeni asisazwani ngenxa yalo leli cala,” kusho uKhehla.

Indodana kaKhehla, uMnuz Nkanyiso Mdletshe, (esesithomb­eni) ezifikele emahhovisi eSolezwe ikhala ngalesi simo sasemndeni­ni njengoba uyise ehliswa isithunzi.

“Ubaba kuthiwa wadayisa ngegazi lakhe. Lezi zinkulumo zibhalwa abozalo koFacebook. Konke lokhu kusuka ekuboshwen­i kwakhe waphinde wadedelwa amaphoyisa. Kumanje umndeni awungenela­ni,” kusho uNkanyiso.

UBongamand­la ebuzwa ngalokhu kuthukwa kukamfowab­o ezinkundle­ni zokuxhuman­a uthe: “Angiwazi noFacebook ukuthi uyinto enjani, eyenziwa kephi.”

Amaphoyisa athe kusaphenyw­a ngokushona komufi.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa