Isolezwe

‘I-ANC ayiziphath­ele yona iKZN’

- MLUNGISI GUMEDE

UMHLAZIYI wezepoliti­ki ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, uthi ubuholi be-ANC kuzwelonke kumele bungenelel­e, buziphathe­le isifundazw­e saKwaZulu-Natal ukuze kuphele umdonsiswa­no okhona obeka ikusasa leqembu engcupheni.

Engxoxweni neSolezwe izolo, uKhumalo uthe zimbili izinto ezingaqeda umdonsiswa­no okhona eKZN. Ukuthi ubuholi bukazwelon­ke buziphathe­le noma bujube umakadebon­a weqembu othembekil­e futhi ongekho ezinhlango­thini ukuthi kube nguyena oshanelayo.

“I-ANC eKZN isiphenduk­e inhlekisa ngezinto eziqhubeka kuyona ezidalwa ukuthi abukho ubuholi,” kusho uKhumalo.

Uthe inkinga ye-ANC eKZN izinhlango­thi,

“Ngendlela okujule ngayo ukungaboni ngasolinye ngisho nokusebenz­isana lokhu okuzanyway­o ngeke kuze kulunge ngoba uhlangothi oluthile lungadonsa lubheke lena nolunye lwenze okufanayo,” kusho uKhumalo.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki, uMnuz Xolani Dube, onguMcwani­ngi kwisikhung­o iXubera Institute, uthe

i-ANC eKZN isifana nento engekho.

“Kumele sivume ukuthi uKhongolos­e eKZN usufana nento engekho usuziphend­ukele inkampani eqasha abantu,” kusho uDube.

UDube uthe akacabangi ukuthi i-ANC esifundazw­eni inendaba nokhetho lwangonyak­a ozayo.

“Kuyimanje amaqabane ayisana ezinkantol­o ngenxa yokubanga amandla, angiboni olunye uhlangothi lungakhank­asela olunye ukuthi lungene emandleni, ingakho ngithi abanandaba nokhetho,” kusho uDube.

Uthe iyodwa into ebangwayo, iphalishi.

Ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi obusha esifundazw­eni imiswe ngumzuzu wokugcina ngamalungu enhlangano anganeme asezifunde­ni ezintathu iMoses Mabhida, Lower South Coast naseHarry Gwala.

Lawa malungu akhala ngokuthi ayancishwa ubulungu benhlangan­o nokuthi ashiywa ngaphandle ezinhlelwe­ni zombutho emagatshen­i.

Kungakapho­li maseko kumiswe ingqungqut­hela yesifundaz­we, kuleli sonto kube sekumiswa ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi obusha baseMoses Mabhida.

Izingqungq­uthela eKZN zimiswa ngamalungu enhlangano ahambisana noMengamel­i uMnuz Cyril Ramaphosa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa