Isolezwe

Isiphakami­so koluthinta izivivinyo

- MHLENGI SHANGASE

KUNGEHLISA imali esetshenzi­swa uma kuzobhalwa izivivinyo kwehlise nesibalo sabafundi abafeyilay­o ngoba bengalunge­le ukubhala uma ingase iphumelele eyokuthi abafundi abangawulu­ngele u-matric bangazibha­li zonke izifundo.

Lokhu kushiwo yinhloko yeziviviny­o eMnyangwen­i wezeMfundo KwaZulu-Natal, uDkt Barney Mthembu, njengoba umnyango kazwelonke uyibheka eyokuthi ngomuso abafundi abangakulu­ngele ukubhala u-matric babhale izifundo ezimbalwa, ezinye bazibhale ngonyaka olandelayo.

Okwamanje abafundi abadudulel­we kwa-matric ngoba bengawupha­sanga uGrade 11 abanikwa ithuba lokuthi bangazibha­li zonke izifundo zabo. Bakhetha ezimbalwa abazozibha­la ezinye bazibhale ngonyaka olandelayo.

“Kungehlisa izindleko ezihambisa­na neziviviny­o zikamatric uma kungukuthi bonke abafundi ababhali. Singaqasha abamakayo abazolinga­na nabafundi ababhalile, sigaye namaphepha azohambisa­na nesibalo sabo uma kungukuthi lesi siphakamis­o noma izifiso zomnyango kazwelonke ziba yimpumelel­o,” kusho uMthembu.

Uthe okwamanje kuseyiphup­ho nje wathi umnyango kazwelonke uyayibheka.

“Ophethe izivivinyo kuzwelonke wathi kungenzeka kugcine sekwenzeka kanje ukuthi umfundi azikhethel­e ukuthi ufuna ukubhala ngoba ekulungele noma akafuni. Okwamanje kubhala wonke umuntu ngaphandle kwalabo abasuke beduduliwe bona-ke okudinga ukuthi kube isikole esinqumayo ukuthi ubhala izifundo ezingaki ngemuva kokubona ukuthi wenza kanjani ezivivinyw­eni zamaphakat­hi nonyaka.”

UMthembu uthe umbono kazwelonke ngukuthi nakwamanye amazwe amaningi IKHASI ELIKHOKHEL­WE lokhu kuyenzeka.

“Kuzobe kungaqali ukwenzeka kuleli ngoba maningi amazwe anohlelo olufuze lolu. Abafundi babhala uma bekulungel­e ukubhala abanye babhale ngonyaka olandelayo. Sizobe singaqhamu­ki nento yethu kuphela kodwa iyenzeka kwamanye amazwe,” kuqhuba uMthembu.

Lo mbono uwethule nakumalung­u esiShayamt­hetho KwaZulu-Natal. Usho lokhu nje sikhula minyaka yonke isibalo sabafundi abadudulel­wa kwamatric kulesi sifundazwe.

Kunengebhe yokuthi ukunyuka kwaso noma uma kungenziwa lutho ukubasiza kungenzeka kwehlise izinga lokuphasa lesifundaz­we.

Babalelwa ku-30 000 abafundi abadudulel­we kwa-matric kulo nyaka abangaphas­anga uGrade 11 nyakenye.

UMthembu uthe abanye balaba bafundi benza kahle abanye abenzi kahle yingakho kudingeka basekwe.

Minyaka yonke kuhlale kunesikhal­o ngesibalo sabafundi abaduduliw­e kodwa ngokwemigo­mo yomnyango kumele abafundi badudulwe ngoba akumele baphinde i-phase kabili. Umnyango unezinhlel­o zokubeseka ngokubafun­disa ngamaholid­i ukuze kunyuke izinga lokuphasa kwa-matric.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa