Isiphakamiso koluthinta izivivinyo
KUNGEHLISA imali esetshenziswa uma kuzobhalwa izivivinyo kwehlise nesibalo sabafundi abafeyilayo ngoba bengalungele ukubhala uma ingase iphumelele eyokuthi abafundi abangawulungele u-matric bangazibhali zonke izifundo.
Lokhu kushiwo yinhloko yezivivinyo eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal, uDkt Barney Mthembu, njengoba umnyango kazwelonke uyibheka eyokuthi ngomuso abafundi abangakulungele ukubhala u-matric babhale izifundo ezimbalwa, ezinye bazibhale ngonyaka olandelayo.
Okwamanje abafundi abadudulelwe kwa-matric ngoba bengawuphasanga uGrade 11 abanikwa ithuba lokuthi bangazibhali zonke izifundo zabo. Bakhetha ezimbalwa abazozibhala ezinye bazibhale ngonyaka olandelayo.
“Kungehlisa izindleko ezihambisana nezivivinyo zikamatric uma kungukuthi bonke abafundi ababhali. Singaqasha abamakayo abazolingana nabafundi ababhalile, sigaye namaphepha azohambisana nesibalo sabo uma kungukuthi lesi siphakamiso noma izifiso zomnyango kazwelonke ziba yimpumelelo,” kusho uMthembu.
Uthe okwamanje kuseyiphupho nje wathi umnyango kazwelonke uyayibheka.
“Ophethe izivivinyo kuzwelonke wathi kungenzeka kugcine sekwenzeka kanje ukuthi umfundi azikhethele ukuthi ufuna ukubhala ngoba ekulungele noma akafuni. Okwamanje kubhala wonke umuntu ngaphandle kwalabo abasuke beduduliwe bona-ke okudinga ukuthi kube isikole esinqumayo ukuthi ubhala izifundo ezingaki ngemuva kokubona ukuthi wenza kanjani ezivivinyweni zamaphakathi nonyaka.”
UMthembu uthe umbono kazwelonke ngukuthi nakwamanye amazwe amaningi IKHASI ELIKHOKHELWE lokhu kuyenzeka.
“Kuzobe kungaqali ukwenzeka kuleli ngoba maningi amazwe anohlelo olufuze lolu. Abafundi babhala uma bekulungele ukubhala abanye babhale ngonyaka olandelayo. Sizobe singaqhamuki nento yethu kuphela kodwa iyenzeka kwamanye amazwe,” kuqhuba uMthembu.
Lo mbono uwethule nakumalungu esiShayamthetho KwaZulu-Natal. Usho lokhu nje sikhula minyaka yonke isibalo sabafundi abadudulelwa kwamatric kulesi sifundazwe.
Kunengebhe yokuthi ukunyuka kwaso noma uma kungenziwa lutho ukubasiza kungenzeka kwehlise izinga lokuphasa lesifundazwe.
Babalelwa ku-30 000 abafundi abadudulelwe kwa-matric kulo nyaka abangaphasanga uGrade 11 nyakenye.
UMthembu uthe abanye balaba bafundi benza kahle abanye abenzi kahle yingakho kudingeka basekwe.
Minyaka yonke kuhlale kunesikhalo ngesibalo sabafundi abaduduliwe kodwa ngokwemigomo yomnyango kumele abafundi badudulwe ngoba akumele baphinde i-phase kabili. Umnyango unezinhlelo zokubeseka ngokubafundisa ngamaholidi ukuze kunyuke izinga lokuphasa kwa-matric.