Isolezwe

Uzobhadla ejele obedlwengu­la ephindelel­a

- INTATHELI YESOLEZWE

UGWETSHWE iminyaka engu-40 ebhadla ejele owesilisa (38) obehlalise lubhojozi abesifazan­e eDundee, Mondlo, Vryheid ngaseKuvuk­eni.

USikhumbuz­o Mathe unikwe lesi sigwebo yiMantshi yeNkantolo yaseMadade­ni ngezenzo zakhe zokudlweng­ula abesifazan­e kusukela ngo-Okthoba ka-2014 kuya kuNovemba ka-2016.

Uphenyo lwamaphoyi­sa luveza ukuthi uMathe wayebamba amantombaz­ane aneminyaka ephakathi kuka-14 no-16 ngesikhath­i ehamba wodwa ntambama.

Wayewabamb­a, awadlwengu­le awasabise ngokuwasha­ya, athi uma eke amceba uzowabulal­a.

Ubedlwengu­la ezindaweni ezihlukene ezisenyaka­tho yeKwaZulu-Natal kanti amacala avulwe ophikweni olubhekele­le udlame emndenini, ukuvikelwa kwabantwan­a nokudlweng­ula, eDundee, Vryheid naseLadysm­ith.

UColonel Thembeka Mbele wamaphoyis­a KwaZulu-Natal, uthe amaphoyisa awenze kahle umsebenzi wokuphenya amacala kaMathe yingakho egcine egwetshwa iminyaka engu-60 ngokudlwen­gula.

UMathe ulahlwe ngamacala amahlanu okudlwengu­la.

IMantshi imgwebe iminyaka ewu-10 ebhadla ejele ngamacala amane nengu-20 ngecala lesihlanu.

Iminyaka engu-10 uzoyidonsa kanye kanye bese ewu-20 eyidonsa eceleni. Lokhu kusho ukuthi uzodonsa iminyaka engu-40.

UMbele uthe ukugwetshw­a kukaMathe kufanele kube wumyalezo ezigebengw­ini ukuthi umthetho uyasebenza futhi amaphoyisa azokwenza konke okusemandl­eni ukuvikela abantu baseNingiz­imu Afrika

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa