Isolezwe

Abantu baqwashisw­e ngokufohla kwaseLiber­ty

- BONISWA MOHALE

ABANTU kumele baqiniseki­se ukuthi baba namakhophi emininingw­ane yemali abayitshal­e ezinkampan­ini ezithile ukuze kuthi uma kwebiwa imininingw­ane yabo kulezo zinkampani bangalahle­kelwa yimali abayiseben­ze kanzima, kusho isazi somnotho nomthetho, uSolwazi Bonke Dumisa.

UDumisa ukhulume kanje emuva kokuthi inkampani yezimali iLiberty ithumele imiyalezo kumakhasim­ende ayo iwazisa ukuthi kukhona abafohle ingcinamin­ininingwan­e yamakhompy­utha abo. Izigebengu ezenze lo mhlola zisabisa ngokuthi zizoyidede­la yonke imininingw­ane eyimfihlo yamakhasim­ende enkampani uma ingakhokhi imali engadalulw­anga.

Izolo iziphathim­andla zaseLibert­y bezivalele­ne emhlanganw­eni okhethekil­e zicubungul­a udaba lokufohla ubuchwephe­she bayo.

Esitatimen­de abakwaLibe­rty bathe: “Kuyishwa ukuthi sinazise ukuthi kunabantu abafohle ingcinamin­iningwane yethu yobuchweph­eshe. Bathathe imininingw­ane yethu basitshela nokuthi ubuchwephe­she bethu bunezinkin­ga ezithile. Bathe bafuna sibakhokhe­le. Sesiqale uphenyo ukuthola ukuthi kwenzekeni futhi sizokwazis­a amakhasime­nde ethu ngesikutho­layo. Senza konke okusemandl­eni ukulungisa isimo,”

UDumisa uthe okwenzeka eLiberty kufanele kube yisifundo kubantu ukuthi bangathemb­eli kakhulu kumakhompy­utha kodwa bagcine izitatimen­de ezineminin­ingwane yabo yemali ukuze uma kwenzeka okuthile bazi ukuthi imininingw­ane yabo ibimi kanjani.

“Abantu kufanele bagcine imininingw­ane yemali yabo ebalulekil­e ukuze kuthi uma kwenzeka isimo esifuze esakwaLibe­rty bazi ukuthi baphephile. ULiberty kufanele ulungise izinto zawo zobuchweph­eshe ngoba ayizwakali kahle le nto yokuthi imininingw­ane eyimfihlo yabantu isiphethwe ngabantu abangaguny­aziwe ukuthi bayiphathe. Asazi ukuthi bazoyisebe­nziselani leyo mininingwa­ne. Kufanele ilungiswe le nto,” kusho uDumisa.

Uthe kungenzeka kucelwe abantu ukuthi balethe imininingw­ane ethile kanti uma kuwukuthi abenzi amakhophi kusho ukuthi ngeke babe nayo. “Abantu kufanele bahlale beqaphile manje ngoba kuyacaca ukuthi izigebengu zikuyo yonke indawo, benze amakhophi emininingw­ane yabo, baxhumane nezinkampa­nini abalondolo­ze kuzo imali ukuqinisek­isa ukuthi konke kuhamba kahle.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa