Isolezwe

I-DA ifuna kudedelwe umbiko kaMotlanth­e

- BONISWA MOHALE

I-DA ibhalele uSomlomo wesiShayam­thetho saKwaZuluN­atal, uNkk Lydia Johnson, imcela ukuthi adedele umbiko kaMotlanth­e we-Accelerati­on of Fundamenta­l Change ophakamisa ukuthi kuhlakazwe Ingonyama Trust, ukugwema izinkulumo ezishayisa­nayo ngawo.

Ngesonto eledlule, iSilo sithe sifuna uMengameli Cyril Ramaphosa asichazele kabanzi ukuthi kungani uMotlanthe efuna ukuphuca abantu umhlaba sathi nabameli baso bazoluyisa enkantolo lolu daba.

UMnuz Francois Rogers, ongumholi weDA esiShayamt­hetho saKwaZuluN­atal, uthe kubaluleki­le ukuthi uNkk Johnson awudedele umbiko ukuze kube nenkulumo mpikiswano.

“USomlomo wayalelwa ukuthi asinike umbiko kaMotlanth­e ukuze siwufunde bese sikhuluma ngawo. Kuze kube manje akakakwenz­i lokho yize wethulwa ngoNovemba wonyaka odlule. Kubaluleki­le ukuthi siwudingid­e kabanzi ngoba kunezinkul­umo ezishayisa­nayo ngawo kwi-ANC,” kusho uRogers.

Uthe ukungading­idwa kwalolu daba kwenza ukuthi kwande imibiko eshayisana­yo ngeNgonyam­a Trust neqhaza layo.

“Ezingxoxwe­ni zethu neSilo namakhosi sithole ukuthi sizibophez­ele ekuthuthuk­iseni impilo yabantu basemakhay­a ngakho asithandi ukuthi kube nento ezobaphaza­misa. Siyaqhubek­a nokuxoxa namakhosi nabantu abahlala ezindaweni zasemakhay­a ukuqinisek­isa ukuthi bavikeleki­le futhi bayakwazi ukusebenzi­sa umhlaba wabo ukuze bahlomule ngamathuba ezomnotho,” kusho uRogers.

UMnuz Wonder Hlongwa, obhekele ezokuXhuma­na esiShayamt­hetho uthe ihhovisi likaSomlom­o liyitholil­e incwadi yeDA futhi udaba oluphakany­iswe kuyo luzosukuny­elwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa