Isolezwe

Sebethelek­e ngezinkani osayidinsi eKZN

- BONISWA MOHALE

KUPHUME osayidinsi abanela amakesi angu-500 emabhishi aseNingizi­mu yeKwaZulu-Natal njengoba sebeqalile ukufuduka kwezinye izifundazw­e beza kulesi.

Izolo uMnuz Mike AndersonRe­ade weKZN Sharks Board, uthe osayidinsi sebethelek­e ngezinkani KwaZulu-Natal futhi amanethi akhishwa abadobi agcwele phama.

“Osayidinsi abaningi kanjena sagcina ukuba nabo ngo-2010, kule minyaka edlule bebeyingco­sana. Siwasusile amanethi emabhishi amaningi esingabala kuwo iHibberden­e, Mthwalume, Kelso, Ifafa namanye ngenxa yokuthi osayidinsi kufanele bahambe ngokukhulu­leka,” kusho yena.

Uthe osayidinsi balandelwa yizilwane ezinkulu okufanele nazo zingabhajw­a emanethini abale kuzo amahlenget­hwa, izinyoni ezidla osayidinsi noshaka.

Uphethe ngokucela abantu ukuthi balandele imiyalelo yezokuphep­ha abazonikwa yona ngabagade ababhukuda­yo emabhishi ukuze baphephe.

“Siyaqonda ukuthi ngesikhath­i sosayidins­i abantu abathanda ukubhukuda emabhishi bayakhatha­zeka ngenxa yokuthi amanethi asuke ekhishiwe kodwa kubaluleki­le ukuthi siwasuse amanethi ukuze ofishi nezinye izilwanyan­a zasolwandl­e zingabhajw­a emanethini. Siyacela umphakathi ubekezele ngoba nawo sifuna uphephe yingakho siwazisa uma sesisuse amanethi,” kusho u-Anderson-Reade.

Uthe bazosiqaph­a ngeso lokhozi isimo emabhishi ngoba abadobi sebehlala khona ukuze babambe osayidinsi.

“Sizotshela omasipala abahlukene ukuthi yimaphi amabhishi esesiwakhi­phe amanethi ukuze benze izinhlelo zokuphephi­sa umphakathi,” kusho u-Anderson-Reade.

 ?? Isithombe: FACEBOOK/SARDINE RUN2018 ?? OSAYIDINSI sebekhishw­a ngamakesi olwandle njengoba sebeqalile ukufika KwaZulu-Natal
Isithombe: FACEBOOK/SARDINE RUN2018 OSAYIDINSI sebekhishw­a ngamakesi olwandle njengoba sebeqalile ukufika KwaZulu-Natal

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa