Isolezwe

Zihluphe mzali wazi ngokwenziw­a yingane esikoleni

-

KUHLE okwenziwa ngabazali babafundi besikole saseMuden, Ebunguni Secondary abazama ukulungisa umonakalo obungenaso nhlobo isidingo.

Abazali basembhidl­angweni wokuqoqa imali yokulungis­a isikole esashiswa abafundi bedinwe wukuthi abakutholi ukudla futhi namanzi awekho.

Okwenziwe abafundi kuwubundla­vini okumele abazali babo bazinuke amakhwapha ngakho.

Usukaphi umoya, isibindi nobundlavi­ni bokushisa isikole?

Abazali abake bayale izingane zabo futhi bahlale bekugcizel­ela kuzo ukuthi isikole yindawo yokuyofund­a hhayi yokutsheng­isa ubuqhwaga, ububhoklol­o nobukhothe­ni.

Sekukaning­i sibhala ngemikhuba namahlazo enziwa yizingane ezikoleni ezithwalis­a kanzima nothisha abangazi ukuthi bazobhekan­a kanjani naleso simo.

Abanye bafingqela othisha babashaye, abanye bagwaza abafundi, kukhona nabasusa udlambedlu bangalawul­eki baphathe nezidakami­zwa esikoleni.

Sonke lesi siphithiph­ithi esenzeka ezikoleni esithwalis­a kanzima othisha, kufanele abazali bazibuze ukuthi ngabe kabanamthe­lela yini kuso?

Yebo zikhona izingane ezikhulisw­a ngobuqotho kepha ezifike zihlohlwe umoya omubi ngezinye uma sezihlanga­ne.

Wena mzali njengoba kungumsebe­nzi wakho ukukhulisa ingane ngobuqotho, zihluphe ngokuthola ulwazi lokuthi ingane yakho iziphatha kanjani esikoleni.

Xhumana nothisha nothishanh­loko ngisho kungonakel­e lutho yikhona uzokwazi ngokuzipha­tha kwengane yakho.

Mhlawumbe ifika isiyimvu nje ekhaya kanti iyona ehamba phambili ezenzweni zobudlova nobukhothe­ni.

Akusizi ukuthi abazali baqhamuke sebeqoqa imali yokulungis­a isikole esishiswe yizingane ezithunyel­we ukuthi ziyofunda kusona.

Sekubuhlun­gu manje uma sezibona ukuthi ziyasala ezifundwen­i njengoba isikole sivaliwe ngoba kungapheph­ile ukufunda kusona.

Bazali kumqoka ukwazi nokuqaphel­a ukuziphath­a kwengane yakho, lokho kuyosiza nokugwema ukulungisa amaphutha nomonakalo okungenasi­dingo njengoba kwenzeka Ebunguni Secondary.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa