Zihluphe mzali wazi ngokwenziwa yingane esikoleni
KUHLE okwenziwa ngabazali babafundi besikole saseMuden, Ebunguni Secondary abazama ukulungisa umonakalo obungenaso nhlobo isidingo.
Abazali basembhidlangweni wokuqoqa imali yokulungisa isikole esashiswa abafundi bedinwe wukuthi abakutholi ukudla futhi namanzi awekho.
Okwenziwe abafundi kuwubundlavini okumele abazali babo bazinuke amakhwapha ngakho.
Usukaphi umoya, isibindi nobundlavini bokushisa isikole?
Abazali abake bayale izingane zabo futhi bahlale bekugcizelela kuzo ukuthi isikole yindawo yokuyofunda hhayi yokutshengisa ubuqhwaga, ububhoklolo nobukhotheni.
Sekukaningi sibhala ngemikhuba namahlazo enziwa yizingane ezikoleni ezithwalisa kanzima nothisha abangazi ukuthi bazobhekana kanjani naleso simo.
Abanye bafingqela othisha babashaye, abanye bagwaza abafundi, kukhona nabasusa udlambedlu bangalawuleki baphathe nezidakamizwa esikoleni.
Sonke lesi siphithiphithi esenzeka ezikoleni esithwalisa kanzima othisha, kufanele abazali bazibuze ukuthi ngabe kabanamthelela yini kuso?
Yebo zikhona izingane ezikhuliswa ngobuqotho kepha ezifike zihlohlwe umoya omubi ngezinye uma sezihlangane.
Wena mzali njengoba kungumsebenzi wakho ukukhulisa ingane ngobuqotho, zihluphe ngokuthola ulwazi lokuthi ingane yakho iziphatha kanjani esikoleni.
Xhumana nothisha nothishanhloko ngisho kungonakele lutho yikhona uzokwazi ngokuziphatha kwengane yakho.
Mhlawumbe ifika isiyimvu nje ekhaya kanti iyona ehamba phambili ezenzweni zobudlova nobukhotheni.
Akusizi ukuthi abazali baqhamuke sebeqoqa imali yokulungisa isikole esishiswe yizingane ezithunyelwe ukuthi ziyofunda kusona.
Sekubuhlungu manje uma sezibona ukuthi ziyasala ezifundweni njengoba isikole sivaliwe ngoba kungaphephile ukufunda kusona.
Bazali kumqoka ukwazi nokuqaphela ukuziphatha kwengane yakho, lokho kuyosiza nokugwema ukulungisa amaphutha nomonakalo okungenasidingo njengoba kwenzeka Ebunguni Secondary.