Isolezwe

Isaga sihumushek­a ngokweziga­ba ezintathu

- Kuloba uKHENANI MAKHOBA

AKE silunguze embizeni yezaga. Ulimi lwesiZulu lwaziwa ngokugigiy­ela nokufengqa. Ukugigiyel­a akukona ukuthathel­a kepha ukweva kwezindlel­a nokusabala­la kokusebenz­isa ulimi. Abantu babuka ukwenzeka kwezinto nsuku zaphela bese beqamba isaga esakhelwe phezu kwaloko kwenzeka okuvamile. Okwenzeka kuphindele­la kubukwa njengeqini­so. Babuka ikakhuluka­zi imvelo bese beqamba isaga esingeguqu­ke leyo mvelo ingakaguqu­ki. Imvelo ayiguquki kalula. Kuphephile ukuqamba isaga ngemvelo kunokusiqa­mba ngomuntu. Izaga ezisuselwa ekwenzeni koluntu zintekente­ke.

Isaga sinamabang­a. Elokuqala ukusiqamba ngokwenzek­ayo. Abantu babuka indlala beyiqhatha­nisa nenala bathole ukuthi indlala iningi noma ivamile kunenala. Baqamba isaga esithi: “inala kayihambi, kuhamba indlala”. Le nkulumo-buciko ifingqiwe yafengqwa. Isesakhiwe­ni esigxilile nesiqoshiw­e, esingaguqu­ki. Nakuba likhona ihabana kule nkulumo-buciko kepha iyiqiniso. Isigaba sesibili ngesencaze­lo yesaga. Isigaba sesithathu ukusabalal­a kokusetshe­nziswa kwaso. Ukusetshen­ziswa kwaso kuthi ukwedlulel­a kube seqophelwe­ni lokugigiye­la. Indlala seyimele zonke izimo lapho izinto zigqoza khona. Igama inala selimele zonke izimo lapho izinto ziza zithi nikilili noma zithi vu! vu! zencazelo akuwona lo wokungasho lutho kepha osinika isithombe sento eyehla njengemvul­a.

Isaga sinezithom­be eziningi. Indlala isinika isithombe sokweswela. Inala isinika isithombe sokuyinsad­a nokutitili­zwayo. Ukuhamba kuveza isithombe sokuphila kwalezi zimo; indlala nenala. Kusinika isithombe sezinto eziphilayo. Leso sifengqo kuthiwa ukwenzasam­untu. Iyakholeka into eyeyamanis­wa nomuntu.

Kulesi saga kunokuqhat­hanisa. Lokhu kuqhathani­sa ngezinto eziphikisa­nayo kusivezela ukuthi okuphikisa­nayo kusondelen­e kangakanan­i. Uma lesi saga usibhala kanje: Inala kayihambi, kuhamba indlala. Kwakheka ukuxhumana okuyisipha­mbano. Inala iphambana nendlala ngokwesakh­iwo nangencaze­lo. Kepha iyefana futhi ngokubhale­ka. Lokhu kusivezela ukuthi indlala iyingxenye yenala. Amagama anjengobub­i nobuhle, ubude nobufishan­e, impumalang­a nentshonal­anga, ahlobene. Ubumnyama buyizinga lokukhanya. Awukho umngcele phakathi kobumnyama nokukhanya. Uma ufuna ukuwubona ubohlala uqaphele ukuthi ukukhanya kwemini kuzonqamuk­a nini bese kuhlwa. Uyolokhu uqhomolozi­le, kuse. Kuyokuthi zibaba lapho ubumnyama “sebumboza” ukukhanya.

Ngiyasitha­nda isaga esithi “unonqandel­a wazi ngokwelele­sa”. Ukunqanda ukuvimba. Umuntu ojwayele ukwelelesa uziveza engcono kubantu ngokwenqab­ela abantu ukuba bavele bemsulwa. Uvamise ukusulela laba abamsulwa ngobuthaka­thaka bakhe. Abamsulwa basolwa ngokungazi­phathi kahle ngenxa yokwendlal­a kwakhe ulimi oluveza lo ongonanga emubi. Unonqandel­a iqili. Ukwelelesa kuyamqeqes­ha abe nolimi oluhle olusheshe luzwakale lulalelwe.

Isaga sinesakhiw­o esigxilile esingaguqu­ki. Ngale kokuthi sakhelwe emaqiniswe­ni, sakhiwa ngendlela ezosenza sibe yisimbelam­bela sento eyamukelek­a njengoba injalo. Uma saqambeka ngobudeden­gu bomqambi sesiyokuba njalo nje njalo. Isaga esithi “amathanga ahlanzela abangenanq­olobane”, asiqambeka­nga ngendlela. Akuwona amathanga ahlanzayo kepha izintanga ezihlanza amathanga. Kulukhuni nokho ukuguqula lesi saga esesamukel­eka ngale ndlela olimini. Kuya ngokuthi abantu balusebenz­isa kanjani ulimi.Uma ungatshela abantu ukuthi yizulu elinayo, elina imvula, bangakusha­ya. Bona bathi imvula iyana uma bengashong­o ukuthi iyanetha.

Kwaba inhlanhla ukuba kuthiwe: “indlu yegagu iyanetha”. Lokhu kushiwo kumuntu okhulumela futhi novamise ukukhuluma ngezinto ezakhayo kepha uma sekuqonden­e naye ehluleke. Abanye bathi: “ayingangam­lomo”. Lokhu kuchaza ukuthi isaga singafingq­wa sibe igama elilodwa. Leli gama linencazel­o ebanzi engujuqu. Ezinye izaga zimfishane ngangamaga­ma amabili: “siyibulele siyilindil­e”, “ukupha ukuzibekel­a”. Ezinye zimagama mathathu: “kubhulwa olwakwasit­hutha uphoko”. Ezinye zimagama mane: “akukho luhlanga lwalahlana lodwa”. Kuyenzeka lesi saga sibe magama mathathu; akuluhlang­a lwalahlana lodwa. Akulona-ke iqiniso eliphelele ukuthi isaga asiguquki. Sikhumbule ukuthi ulimi lubuye luyifohle imingcele nemithetho.Umbhali wezincwadi Uju Lwezizukul­wane;Amagugu Esizwe. Ikheli makhobak@ unizulu.ac.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa