Izinto ezingasiza ebudlelwaneni bothando
MHLELI: Nami ngithi sekwanele. Kunezinto ezingenziwa abesimame engicabanga ukuthi zingabaphephisa ekuhlukumezekeni, nakhu okunye okwakho.
1. Ungahlali nomuntu ongasamthandi, 2. Ungavumi ukuthandana nomuntu ongawazi umlando wakhe nekubo, indlela akhuliswe ngayo, 3. Ungahlali nomuntu ofuna ukwazi yonke into oyenzayo, njengokukulandela afune ukwazi ukuthi uxoxa ngani nabangani bakho, 4. Ungahlali nomuntu okukhethela abangani, 5. Ungakujabuleli ukuthandwa kakhulu kuze kweqe, 6. Ungazamukeli izipho ongeke wakwazi ukuzibuyisela emuva uma ungasamthandi umuntu wakho, 7. Ungavumi ukufundiswa yindoda ngemali yayo ngoba uma sewufundile angeke ikwazi ukukuphuca imfundo uma sewuyishiya, 8. Ungamfaki umakhwapheni othandweni lwenu, akafihleki futhi akalawuleki ufuna ukugqama, 9.
Ungamqhathanisi umuntu wakho nowake wathandana naye phambilini, 10. Kungathi uma usebenza kahle ubukele phansi itoho lomuntu wakho, 11. Kungangeni ucingo bese uyaluziba phambi komuntu wakho, noma ukuluphendulela esithe njengasekamelweni uma nihleli endlini yokuphumula, akuhlali kahle endodeni kungcono ulwenze lungabangi umsindo 12.
Uma ungasamthandi umuntu wakho, hlala naye phansi umtshele konke okwenza ukuthi umyeke, kubanga ulaka ukubona ngezenzo endodeni, kuyagculisa ukuzwa.
Nabesilisa ngokunjalo kumele behlale bazi ukuthi uma unentombi kufana nokubamba ijuba ngesisila lona eliphunyuka noma nini uma ulibambile, madoda yekani ukukhipha izipho ezinkulu ngoba uma ekushiya umuntu wakho, ugcina sewumbulele emva kwalokho uboshwe kume impilo, fundani ukwamukela.
Kubazali kunezinto abazenzayo ezingaba wumthelela ekuhlukunyezweni kwezingane zabo, nakhu okumele bakugweme. Ningayikhetheli indodakazi yenu indoda, kuyenzeka uthole abazali abayizigwili bangavumi ingane yabo ithande isichaka. Bazali yekani ukufuna ilobolo elimba eqolo., izoxakeka ingane emzini ibaleke lapho indoda ayisezwa mshini.
Madoda akekho onelungelo lokubulala umuntu wesimame, uma engasakuthandi myeke ahambe mhlampe ungathola ongcono kunaye. Okhathazekile ENEWLANDS