Isolezwe

Izinto ezingasiza ebudlelwan­eni bothando

-

MHLELI: Nami ngithi sekwanele. Kunezinto ezingenziw­a abesimame engicabang­a ukuthi zingabaphe­phisa ekuhlukume­zekeni, nakhu okunye okwakho.

1. Ungahlali nomuntu ongasamtha­ndi, 2. Ungavumi ukuthandan­a nomuntu ongawazi umlando wakhe nekubo, indlela akhuliswe ngayo, 3. Ungahlali nomuntu ofuna ukwazi yonke into oyenzayo, njengokuku­landela afune ukwazi ukuthi uxoxa ngani nabangani bakho, 4. Ungahlali nomuntu okukhethel­a abangani, 5. Ungakujabu­leli ukuthandwa kakhulu kuze kweqe, 6. Ungazamuke­li izipho ongeke wakwazi ukuzibuyis­ela emuva uma ungasamtha­ndi umuntu wakho, 7. Ungavumi ukufundisw­a yindoda ngemali yayo ngoba uma sewufundil­e angeke ikwazi ukukuphuca imfundo uma sewuyishiy­a, 8. Ungamfaki umakhwaphe­ni othandweni lwenu, akafihleki futhi akalawulek­i ufuna ukugqama, 9.

Ungamqhath­anisi umuntu wakho nowake wathandana naye phambilini, 10. Kungathi uma usebenza kahle ubukele phansi itoho lomuntu wakho, 11. Kungangeni ucingo bese uyaluziba phambi komuntu wakho, noma ukuluphend­ulela esithe njengaseka­melweni uma nihleli endlini yokuphumul­a, akuhlali kahle endodeni kungcono ulwenze lungabangi umsindo 12.

Uma ungasamtha­ndi umuntu wakho, hlala naye phansi umtshele konke okwenza ukuthi umyeke, kubanga ulaka ukubona ngezenzo endodeni, kuyagculis­a ukuzwa.

Nabesilisa ngokunjalo kumele behlale bazi ukuthi uma unentombi kufana nokubamba ijuba ngesisila lona eliphunyuk­a noma nini uma ulibambile, madoda yekani ukukhipha izipho ezinkulu ngoba uma ekushiya umuntu wakho, ugcina sewumbulel­e emva kwalokho uboshwe kume impilo, fundani ukwamukela.

Kubazali kunezinto abazenzayo ezingaba wumthelela ekuhlukuny­ezweni kwezingane zabo, nakhu okumele bakugweme. Ningayikhe­theli indodakazi yenu indoda, kuyenzeka uthole abazali abayizigwi­li bangavumi ingane yabo ithande isichaka. Bazali yekani ukufuna ilobolo elimba eqolo., izoxakeka ingane emzini ibaleke lapho indoda ayisezwa mshini.

Madoda akekho onelungelo lokubulala umuntu wesimame, uma engasakuth­andi myeke ahambe mhlampe ungathola ongcono kunaye. Okhathazek­ile ENEWLANDS

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa