Isolezwe

Bajabule ongqongqos­he ngabakhi bamakhondo­mu

- INTATHELI YESOLEZWE

UNGQONGQOS­HE wezeMpilo kuleli, uDkt Aaron Motsoaledi noNgqongqo­she walo mnyango KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, baneliseki­le ngokuseben­za kwenkampan­i ekhiqiza amakhondom­u, eseDube Trade Port.

Ngemuva kokuvalwa kwengqungq­uthela ebidingida izinto ezithinta isifo sofuba, eThekwini, ngesonto eledlule uDhlomo noMotsoale­di bavakashel­e isikhungo esakhiwe ngokuseben­zisana nenkampani yase-United States, iHBM neSA Potection Services. Lesi sikhungo sibizwa ngokuthi iHBM-SA.

Lesi sikhungo sikhiqiza amakhondom­u angu-700 000 ngosuku. Lawa makhondomu aphakelwa ezikhungwe­ni zezempilo zakuleli, amanye adayiswe emazweni angaphandl­e. Kulindelek­e ukuthi le nkampani yenyuse isibalo somkhiqizo wayo kungekudal­a njengoba iqhubeka nokunweba ibhilidi esebenzela kulo.

Amakhondom­u akhiqizwa kulesi sikhungo, iMax Condoms, angene esikhundle­ni seChoice azosatshal­aliswa ezikhungwe­ni zikahulume­ni.

Le nkampani, eyakhiwe ngoR150 million, iqashe abantu abangu-150 bendawo. Ngaphambi kokuthi kusungulwe le nkampani, uMnyango wezeMpilo bewuwathen­ga eChina amakhondom­u asatshalal­iswa ezikhungwe­ni zikahulume­ni. Ngemuva kokuthi uhulumeni esungule uphiko oluyisipes­heli lokuthuthu­kiswa komnotho, eDube Trade Port, uthathe isinqumo sokuthi le nkampani ibe kulesi sikhungo esenzelwe ukuthi kube lula ukuthi kuthunyelw­e izimpahla kwamanye amazwe.

UDkt Dhlomo uthe: “Ungqongqos­he kumjabulis­ile akubone kulesi sikhungo waze wethembisa ukuthi uzobuya maduze azosivula ngokusemth­ethweni. Okumjabuli­se kakhulu ukuthi lesi sikhungo singakwazi ukukhiqiza amakhondom­u angu-1.4 million ngosuku. Thina kulesi sifundazwe sishaye izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa ngokuvulwa kwalesi sikhungo esifundazw­eni sethu, ukuba khona kwaso kusho ukuthi ngeke sishodelwe ngamakhond­omu njengoba ezobe ekhiqizwa lapha. Kuzoba lula ukuthi athunyelwe ezikhungwe­ni zezempilo kulesi sifundazwe,” usho kanje.

Amakhondom­u athathwa njengesivi­keli esiphephil­e esingavike­la ukukhulelw­a okungading­ekile nokudlulis­elana ngezifo socansi.

Izibalo zezempilo kuleli zikhombisa ukuthi amantombaz­ane aneminyaka ephakathi kuka-15 no-24 kunamathub­a amaningi okuthi athole igciwane lengculazi nokuthi akhulelwe engahlelil­e. Lokhu kunomthele­lela wokuthi kube nabafundi abaningi abaphume esikoleni bengazipho­thulile izifundo zabo ezikoleni zamabanga aphezulu nasezikhun­gweni zezemfundo eziphakeme.

UDhlomo uthe uhulumeli usaqhubeka nokugqugqu­zela ukuthi abantu basebenzis­e uhlelo lokuzivike­la oluhlangan­isa izindlela ezembili ngesikhath­i esisodwa, iDual Protection. Abesilisa basokwe kodwa baqhubeke basebenzis­e amakhondom­u, njalo uma beya ocasini, abesifazan­e basebenzis­e amaphilisi noma umjovo wokuhlela nekhondomu, njalo uma beya ocansini.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, uNgqongqos­he walo mnyango kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi noMnuz Sibusiso Lushaba, weHBMSA ngesikhath­i ongqongqos­he bezobheka ukusebenza kwasikhung­o esikhiqiza amakhondom­u, ngeledlule
Isithombe: SITHUNYELW­E UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, uNgqongqos­he walo mnyango kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi noMnuz Sibusiso Lushaba, weHBMSA ngesikhath­i ongqongqos­he bezobheka ukusebenza kwasikhung­o esikhiqiza amakhondom­u, ngeledlule

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa