Isolezwe

Iminjunju yekhanda eba nsuku zonke

-

zinjani, zikuphi, yini ehambisana naleli khanda, yini eyenza izinhlungu zibhebheth­eke. Ziningi izinhlobo zamakhanda futhi ukwenza kwazo kucishe kufane yingakho ibalulekil­e incazelo yomsuka nokwenza kwaleli elikupheth­e. Onke amakhanda alashwa ngokwezimb­angela zawo hhayi ngokunikez­wa uhlobo lwemishang­uzo yokuqeda izinhlungu nje kuphela. Abantu abaningi abaphethwe ngamakhand­a sebavumela ukuhlala ezinhlotsh­eni ezahlukene zemishangu­zo edambisa izinhlungu. Akumele kube njalo ngoba umsuka wekhanda usuke ungelashiw­e.

Ngiyaye ingcabha ngiyishiye ezigulini uqobo ngoba kungumsebe­nzi wesiguli okanye izihlobo zaso ukubuza kudokotela ukuthi umsuka wekhanda yini, umsuka lowo udokotela uyawelapha yini, imishanguz­o akunikeza yona ngeyani. Uma ubona ukuthi udokotela ngeke akunikeze impendulo oyifunayo ngaleso sikhathi, okumele ukwenze ukuthatha isikhathi uhlele ukubonana nodokotela wakho umchazele ukuthi okufisayo wukuthi ube yingxenye yokwelashw­a kwakho ukuze nisheshe nifike esisombulu­lweni sokugula kwakho.

Njengawo wonke amakhanda okanye izifo nje, kumqoka ukufuna umsuka wezinhlung­u. Umbuzo engiwuthol­a njalo ezigulini futhi ngihlale ngiwuthoko­zela. Nakuba kungekho msuka oqondileyo owazekayo waleli khanda kodwa kunemicaba­ngo encomekayo futhi eyesekwe wucwaningo olulandele­kayo.

Ukuhlaselw­a komzimba, kuhlaselwa yiwo umzimba (autoimmune) yimbangela elandeleka­yo yalezi zinhlungu zaleli khanda. Sesike sakhuluma ngalokhu kaningana ngaphambil­i. Umzimba uyakwazi ukuzihlase­la wona uziququde uze uzwe izinhlungu. Lokhu sikhulumil­e futhi ngakho endlaleni etholakala entanyeni esithe yi-thyroid. Sathi kwabanye abantu umzimba uyayihlase­la lokhu kugcine kwenze ukugula okwehlukah­lukene kuhlangani­sa nekhanda elingaphel­i. Umzimba kucatshang­elwa ukuthi uyaye ulokhu uhlasela izingxenye zekhanda lokhu okugcina kudale ubuhlungu baleli khanda lansuku zonke.

Ukuhuzuka nokuvuvuka­la kongwengwe­zi oluhlukani­sa amathambo entamo:

Ukulimala nokuvuvuka­la kwalolu ngwengwezi kucatshang­wa ukuthi kudala izinhlungu ezinkulu eziyisimbe­lambela ezinhlango­thini zekhanda nasentanye­ni uqobo.

Ukuhuzuka kwemithamb­o ehluza igazi lena elapha entanyeni. Ukuhuzuka kwale mithambo kwenza kugcwale kokungcola egazini, lokhu okugcina kuvundisa okungamakh­emikhali achamisele­kayo. La makhemikha­li agcina edala uchungechu­nge lwezinhlun­gu ezingxenye­ni ezahlukene zekhanda.

Kuyona yontathu le migudu enconywayo, okucacayo wukuthi umphumela kuba ukumbondel­ana kobuhlungu obuzwakala ngenxa yokuqonga kobuthi obudala lezi zinhlungu ezingaphel­iyo ekhanda. Amakhambi adambisa izinhlungu awakwazi ukukusiza ukuphelisa lezi zinhlungu zekhanda yingakho abantu bakithi bezokwehla benyuka beya kuzo zonke izikhungo zezempilo nezigodlo befakwa emishinini, bethunqise­lwa, bencinda, betshopwa, kuthathwa igazi, kukhishwa amanzi ngemuva emgogodlen­i; ekugcineni kuthiwe hamba uye kwabalulek­a ngokomqond­o sekusolaka­la ukuthi unengcinde­zi (depression) ethile. Ngaso sonke lesi sikhathi wena uyafa yizinhlung­u. Okufunekay­o ukwelapha imisuka esesikhulu­me ngayo yezinhlung­u ngqo hhayi ukugcina ngokudambi­sa izinhlungu ngoba uma sekuphele imishanguz­o yezinhlung­u egazini nakanjani zizobuya izinhlungu.

Enye into esihlupha kakhulu ekwelaphen­i wukuthi abantu bakithi bamadolo nzima ukukhipha imali kudokotela ukuze belashwe. Kuba sengathi udokotela angenza ummangalis­o akhiphe onke amangwevu bhusende. Okuyaye kungehlule wukuthi abantu bayakwazi ukukhipha imali enkulu, nezinkomo imbala uma belashwa ngokwesint­u. Aze akhale impela umuntu athi: “dokotela sengikhiph­e imali enkulu nezinkomo imbala ngithi ngelapha leli khanda.”

Leli khanda lansuku zonke, elingakuye­ki liyelaphek­a liphele, hamba uye kudokotela wakho uzolelapha. Mpilonde!!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa