Izethenjwa ziqale ngebatha eRussia
IZETHENJWA ekunqobeni iNdebe yoMhlaba zibhekane ngezindlela ezehlukene nehlazo lokunganqobi imidlalo yazo yokuqala emqhudelwaneni oseRussia.
IGermany eyanqoba isicoco eBrazil ngo-2014 ilulazwe yiMexico eyihlule ngo 1-0 ngeSonto ntambama.
Yagcina ngo-1982 ukuhlulwa emdlalweni wokuqala kwiNdebe yoMhlaba.
Ikhempu yeGermany imane yavala yonke imicimbi yabezindaba obekumele ibe nayo izolo.
UPhilipp Lahm wakhona obekumele abhekane nabezindaba akhulume ngomkhankaso wezwe wokusingatha i-European Championship yango-2024.
Kuphinde kwavalwa izintatheli ukuthi zihambele ijimu yeqembu khona izolo. Kuthiwe konke kuzobe sekuqhubeka njengokujwayelekile namuhla uma iqembu selilibhekisa eSochi lapho lizotholana phezulu neSweden emdlalweni wesibili kaGroup F ngempelasonto.
Ngaleso sikhathi amaphephandaba aseGermany abengazibekile phansi egxeka iqembu likaJoachim Low ngokubhacaza.
Elinye izwe elithenjiwe elingazange lithole umphumela obulindelekile yiBrazil ebanjwe yiSwitzerland ngo 1-1 kwakuncane indawo kuGroup E.
Umqeqeshi weBrazil, esinezicoco ezinhlanu zomhlaba, uTite, uthe abadlali bakhe bebenengcindezi yokudlala umdlalo wabo wokuqala kwiNdebe yoMhlaba. “Ngaphambi kokuthi sishaye igoli bekunengcindezi ebikade igubezele abadlali. Lokho kube nomthelela endleleni abadlale ngayo. Bebengekho bukhali. Besinazo izikhawu lapho besingashaya khona igoli kodwa besingekho bukhali. Lokho kudalwa wuvalo oluhambisana nokudlala umdlalo wokuqala kwiNdebe yoMhlaba. Ngisho umqeqeshi usuke enalo.”
Uthe kuzomele benze kangcono emdlalweni olandelayo ngoLwesihlanu abazobhekana kuwo neCosta Rica ehlulwe yiSerbia ngo 1-0. ISpain ne-Argentina nawo ahlulekile ukuthola amaphuzu amathathu emidlalweni yokuvula.