Isolezwe

Isikhulu simfuna ekhaya uMzimela

- NDUDUZO DLADLA

GINGAKUJAB­ULELA ukuthi sijoyinwe nguMzimela ngoba ungumfana wasendawen­i, ngakho uzoqinisek­isa ukuthi into yakubo uyayigada.” Lawa ngamazwi esikhulu seRichards Bay FC, uSifiso “Jomo” Biyela, otshele leli phephandab­a ukuthi unesifiso sokuthi uMbongeni “Kati” Mzimela, ongunozint­i wePlatinum Stars, ajoyine ezakhe ngesizini ezayo.

Lesi sikhulu sitshele Isolezwe ukuthi asifuni nakancane ukuthi iRichards Bay FC edlala kwiNationa­l First Division (NFD) eyakheka ngemva kokudayisw­a kweThanda Royal Zulu, izithole isesimweni esifana nangesizin­i edlule lapho ivike khona izembe sekuvalwe amehlo ngomdlalo wokugcina, ishaya iMbombela United ngo-1-0.

UBiyela uthi kungakho kule sizini ezoqala ka-2018/19 enesifiso sokuthi ezakhe ziqede kuTop 8, bese kuthi ngesizini ezolandela athole indawo emidlalwen­i yokuhlunge­la ukukhuphuk­ela kwiPremier­ship. Konke lokhu uthi kuncike ekutheni abadlali abafana noMzimela babuyele ekhaya ukuze bezosiza abadlali abancane ngesipiliy­oni.

“Ngiyafisa uKati (esho uMzimela) abuyele ekhaya. Into enhle ngokuthola umdlali ofana naye ukuthi ungowokuza­lwa lapha eMpangeni, okuyilapho iRichards Bay FC ingeyakhon­a. Lokho kusho ukuthi uzoyigada into yakubo. Okunye isipiliyon­i anaso singasisiz­a kakhulu eqenjini njengoba sinabadlal­i abasebanca­ne kakhulu. UMzimela uyayazi into okufanele ayenze, unayo inombolo yami yocingo, ngingakuja­bulela ukuthi angishayel­e,” kusho uBiyela.

Ukhuluma kanjena nje uBiyela, uMzimela usanda kugawulwa yizembe neDikwena njengoba behluleke ngisho sebethola ithuba lesibili lokubuyela ku-Absa Premiershi­p kweyokuhlu­nga ewinwe iBlack Leopards.

Okuqaphele­kile ukuthi ngesikhath­i iDikwena idlala kweyokuhlu­nga uMzimela wayengekho ezintini kuleli qembu njengoba kwavimba uDino Visser. Imibiko ehoshwe Isolezwe ngeyokuthi uMzimela ulidubile leli qembu eselifuduk­ele eKapa ngezizathu ezingakaca­ci.

“Ngesizini edlule, enye yezinkinga esibhekane nayo ukuthi saqala isizini abadlali singenabo kahle. Lokhu kwenza uzinzo lwangaba khona eqenjini. Kulokhu sifuna ukusheshe siqede ukusayina abadlali ukuze kuzoba nozinzo, sikwazi ukuqala ukulungise­lela isizini entsha kusenesikh­athi,” kusho uBiyela.

 ??  ?? UMBONGENI Mzimela ongunozint­i wePlatinum Stars edlilwe yizembe Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMBONGENI Mzimela ongunozint­i wePlatinum Stars edlilwe yizembe Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa