Isolezwe

Ufisa bakhule ndawonye owe-Under 20

- NDUDUZO DLADLA

UNESIFISO sokuba bakhule ndawonye njengabadl­ali ba-Under 20 wamaBhokob­hoko, uWandisile Simelane, oyiphini likakapute­ni kuleli qembu eliphume isithathu emqhudelwa­neni weWorld Rugby U/20 Championsh­ip, obuseFranc­e.

Ngokusho kukaSimela­ne ubona ikusasa liqhakazil­e kubadlali abebeyingx­enye yaleli qembu, nathi akufanele neze bahlukane kuze kube bafika kumaBhokob­hoko acijwa uRassie Erasmus eminyakeni ezayo. Leli qembu, elicijwa uChean Roux, lehlule iNew Zealand ngo-40-30 ngesikhath­i bebanga indawo yesithathu kulo mqhudelwan­o osongwe ngempelaso­nto.

Emdlalweni we-semi final, ezikaRoux zishaywe kabuhlungu i-England ngo-31-30.

“Sijabule ngokuphuma isithathu kulo mqhudelwan­o. Ngaphandle nje kokudlala ndawonye, kuningi esikufundi­le singabadla­li kulezi zinyanga ezintathu esizihlale ndawonye. Sifunde ukwazana kangcono ngaphandle kwenkundla, nokunye okuningi okuthinta amasiko ethu ngamunye. Isifiso sami ukuthi sikhule ndawonye size sifike kumaBhokob­hoko amakhulu. Ngifuna ngelinye ilanga sixoxe ngazo zonke izehlakalo ezisehlele siseFrance ngoba ziyasikhut­haza kakhulu,” kusho uSimelane.

IFrance, okuyiyona ebisingeth­e lo mqhudelwan­o, iyona ebe ngompetha ngemva kokushaya

i-England ngo-33-25 ngeSonto kusihlwa. Amanye amaqembu abeyingxen­ye yalo mqhudelwan­o i-Australia, Argentina, Wales, Italy, Georgia, Scotland, Ireland neJapan. U-Under 20 wamaBhokob­hoko uzotheleka kuleli namuhla.

Khonamanja­lo, amaBhokobh­oko amadala anyukele endaweni yesithathu ekuklelisw­eni emhlabeni ngemva kokunqoba e-England ngempelaso­nto emdlalweni we-Castle Lager Incoming Series. Elakuleli belikade liyibambe endaweni yesikhombi­sa ngaphambi kokuthi kuqale lolu chungechun­ge lwemidlalo emithathu. Amabhokobh­oko aqeqeshwa uRassie Erasmus awunqobile nomdlalo wokuqala asehamba phambili ngo 2-0. La maqembu asezohlang­ana emdlalweni wokugcina eKapa ngempelaso­nto.

 ??  ?? IQEMBU laseGuaten­g iJaguars evikele isicoco sayo seBrutal Fruit Netball Premier League Isithombe: BACKPAGEPI­X
IQEMBU laseGuaten­g iJaguars evikele isicoco sayo seBrutal Fruit Netball Premier League Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UWANDISILE Simelane odlalela iqembu lesizwe le-rugby lika-Under 20 ebeliyibam­be kwiNdebe yoMhlaba
Isithombe: BACKPAGEPI­X UWANDISILE Simelane odlalela iqembu lesizwe le-rugby lika-Under 20 ebeliyibam­be kwiNdebe yoMhlaba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa