Isolezwe

IJaguars isivikele isicoco sayo kwiNetball

- NDUDUZO DLADLA

IGAUTENG Jaguars, okuyiqembu elidlala i-netball laseGoli, lisivikeli­le isicoco salo seBrutal Fruit Netball Premier League (BFNPL). IJaguars ithele othulini iSouthern Stings ngo-49-47 kowamanqam­u obuseRembr­andt Hall, ePitoli ngempelaso­nto.

Leli qembu likhale lemuka nesamba semali engu-R100 000, kwathi iStings, esilale isibili, sathola umthoba nhliziyo wemali engu-R40 000.

Emdlalweni womthobanh­liziyo wendawo yesithathu, iNorth West Flames inqobe ngo-66-64 ibhekene neFree State Crinums enkundleni efanayo.

Kubadlali abavelele, uKhanyisa Chawane weCrinums, uyena obe iPlayer of the Tournament kwathi u-Iner-Mari Venter weJaguars wathola umklomelo weShooter of the Tournament. UShadine van der Merwe ukhale wemuka neDefender of the Tournament, yena uyibamba kwiJaguars.

Umqeqeshi weJaguars, uJenny van Dyk, ucashunwe esitatimen­deni esithunyel­we ethi, “Kuthathe isikhathi ukuthi sikwazi ukuhlangan­a ngendlela kodwa ekugcineni izinguquko esizenzile zisisebenz­ele.”

Uthe ikhefu limnikeze isikhathi sokuthi akwazi ukucabanga ngokumele akwenze ukuvimba iStings.

“Sesidlale kahlanu kweyamanqa­mu, sawina kabili. Kulokhu asikaze sihlulwe, okusho ukuthi sesiqhube imidlalo engu-18 singashayw­a. Lokhu kukhombisa ukuthi iqembu liyakhula futhi liyawubamb­a umgqigqo,” kusho uVan Dyk.

Iqembu laKwaZulu-Natal, iKingdom Stars elihlulwe kumaquarte­rfinal, ligcine lithole indawo yesithupha kulo mqhudelwan­o wamaqembu angu-10. Kulindelek­e ukuthi umqeqeshi weStars, uMadri Maritz ashiye njengoba ubesehlale iminyaka emibili iqembu lingenzi kahle. Leli phephanda like labika ukuthi ubesevele evalelisil­e kubadlali yize umqhudelwa­no ubungakaph­eli.

Emsileni kuvale iNorthern Cape Diamonds engelinye lamaqembu ahlezi edonsa ngodizili.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa