Isolezwe

UCaster usethembel­e enkantolo ‘ecwaswa’

- INTATHELI YESOLEZWE

ISIHLABANI somgijimi wakuleli, uCaster Semenya, siyiphonse­le inselelo inhlangano eyengamele ezokugijim­a emhlabeni jikelele

i-Internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation (IAAF) ngokuyifak­a enkantolo.

Le nhlangano iphakamise ukuthi kufanele kube nemithetho nemigomo ezolandelw­a abasifazan­e abane-testostero­ne ephezulu emizimbeni yabo. USemenya ngomunye wabagijimi okwatholak­ala ukuthi umzimba akhe ukhiqia lesi sikhuthazi semvelo ngokungaph­ezulu kwesikalo esijwayele­kile kwabesifaz­ane.

Lokhu kusho ukuthi kuzoba nemibandel­a uSemenya okuzofanel­e ayilandele ezomlawula, nokungenza aphazamise­ke ngokomqond­o nangokomzi­mba emiqhudelw­aneni emikhulu. I-IAAF ikhiphe umthemtho othi kumele laba bagijimi badle amaphilisi okudambisa i-testostero­ne noma bangazihla­nganisi nokugijima ibanga lika-400m, 800m no-1500m. La mabanga yiwona kanye uSemenya agila kuwona izimanga.

Ngokusho kukaSemeny­a osewole izindondo zegolide kumaOlympi­c, World Championsh­ip nakumaComm­owealth Games, lokhu okushiwo yile nhlangano kuyacwasa futhi akwamukele­kile. Ngokombiko wephephand­aba lase-USA, iNew York Times, uSemenya ufake icala kwiCourt of Arbitratio­n for Sport (CAS) eLausanne, eSwitzerla­nd ngenhloso yokuvimba lo mthetho we-IAAF osuse okukhulu ukukhuluma.

Lo mthetho kulindelek­e ukuthi uqale ukusebenza ngoNovemba.

“Empeleni angithandi ukukhuluma ngalo mthetho, kepha kuyangipho­qa ukuba ngikhulume ngawo. Ngifisa ukugijima njengokwej­wayelekile ngaphandle kwezinkulu­mo ngoba ngazalwa nginjena. Angibuboni ubulungisw­a uma ngizotshel­wa ukuthi angishints­he indlela engiyiyona. Akumnandi ukuthi ngihleze njalo ngisolwa ngobulili bami. Engifuna kwaziwe ukuthi nginguMokg­adi Caster Semenya, ngingowesi­fazane futhi ngiyagijim­a,” kuchaza le ntokazi ebikhuluma okokuqala selokhu lo mthetho wamenyezel­wa ngoEphreli.

Ngokusho kwe-IAAF, abagijimi besifazane bavamise ukuba ne-testostero­ne engu-0.12 kuya ku-1.79 wama-nanomoles ilitha, kuthi abesilisa babe nengu-7.7 kuya ku-29.4 wama-nanomoles ilitha.

Ngesikhath­i i-IAAF imemezela lo mthetho, yathi iyazi ukuthi uzosusa umsindo futhi ikulungele ukuziphend­ulela ngawo.

USemenya ubengakaze aphawule ngalolu daba njengoba eqhubeka eyibamba emiqhudelw­aneni. Usenqobe kabili kwi-IAAF Diamond League kulo nyaka ku-800m naku-1500m. Kulindelek­e ukuthi amele iNingizmu Afrika kwi-Athletics World Cup eseLondon ngoJulayi.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UCASTER Semenya ufake i-IAFF enkantolo enkulu yezemidlal­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UCASTER Semenya ufake i-IAFF enkantolo enkulu yezemidlal­o
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa