Isolezwe

UGcaba ufuna ukudlala kunoma yiliphi laseKZN

- NDUDUZO DLADLA

AKAKHETHIL­E ukuthi yiliphi iqembu azogijima kulo ngesizini ezayo inqobo nje uma kuzoba yiqembu laKwaZulu-Natal u-Ayanda Gcaba ochithwe i-Orlando Pirates.

UGcaba uphumele obala okokuqala wathi usefuna ukugijimel­a iqembu laseKZN elikwi-Absa Premiershi­p ngesizini ezoqala ka-2018/19.

Uthe imibiko ethi engase esayine kuMaZulu FC ngeke aphawule ngayo.

UGcaba, odabuka ePort Shepstone, uzophelelw­a yinkontile­ka nePirates ekupheleni kwenyanga. IPirates isishilo ukuthi ngeke isamdinga ngesizini ezayo. Okunye okuvele kwacacisa bha ukuthi eziMnyama zakha kabusha, wukusayina abadlali abayisishi­yagaloluny­e okubalwa kubona uBrilliant Khuzwayo, Vincent Pule, Ben Motshwari, Meshack Maphangule, Asavela Mbekile, Linda Mntambo, Abel Mabaso, Paseka Mako noKudakwas­he Mahachi.

UGcaba, ofike kwiPirates ngo-2012, uthe nakuba kuzwela ukuthi useyashiya kwiBucs kodwa angakujabu­lela ukuthi agijime emaqenjini aseKZN.

“Eqinisweni mina ngingadlal­a noma kukuphi inqobo nje uma kuyiqembu laseKZN. Anginankin­ga neMaritzbu­rg United, AmaZulu FC noma iLamontvil­le Golden Arrows. Ngibona sekuyisikh­athi sokuba ngizodlala ekhaya,” kusho uGcaba oke wagijima kwiFree State Stars.

Uthe iPirates iyohlale isenhleziy­weni yakhe ngoba imkhulisil­e kunobhutsh­uzwayo. Ufike kowamanqam­u kabili neBucs emiqhudelw­aneni yeCaf iChampions League ngesikhath­i becijwa nguRoger De Sa ngo-2013 nakwiCaf Confederat­ions Cup bwcijwa ngu-Eric Tinkler ngo-2015.

“Sisebenze kahle kakhulu no-de Sa kanye noTinkler. Engikuthan­da kakhulu ngabo wukuthi bebekholel­wa kithina njengabadl­ali nobekusifa­ka umfutho wokuba sizibongel­e kubona ngokushaya into ecokeme. Ngiye kwiPirates ngingakaze ngiphumele ngaphandle kwaseNingi­zimu Afrika ngakho lokho ngeke ngikukhohl­we,” kusho uGcaba.

Uqhube wathi akananxa nomqeqeshi wePirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, nephini lakhe, uRhulani Mokwena, nakuba ekhuhle ibhentshi ngaphansi kwabo nokuholele ekutheni agcine ebolekisiw­e kwiPlatinu­m Stars.

“Anginanxa nabo nakancane. Ukuhlala ebhentshin­i ngamahlala khona uma ungumdlali ayikho into entsha kulokho. Kuphela nje okungisale­le ukuba ngikhombis­e ukuthi ngingumdla­li osezingeni eliphezulu eqenjini engizodlal­a kulona,” kusho uGcaba othe imenenja yakhe, uMike Makaab wePro Sport Internatio­nal, imatasa imzamela iqembu elisha azogijima kulo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa