Isolezwe

Akanavalo ngokudayis­wa kweCeltic

- NDUDUZO DLADLA

KUMQINISA idolo umdlali weBloemfon­tein Celtic, uMenzi Masuku, ukuzwa abalandeli bethi iqembu ngeke lishabalal­e

njengoba kubanjwe umoya ngemva kokuthi isikhulu saleli qembu, uMax Tshabalala, siveze ukuthi sesilifake endalini.

Ngendlela isimo esesisibi ngakhona kwiCeltic, uTshabalal­a uthi usegadle zephuka, akasenayo imali yokuqhuba iqembu. Useke waba nomhlangan­o naneMeya yaseMangau­ng, u-Olly Mlamleli nabanye osomabhizi­nisi bendawo bezama izindlela zokuphuma kulesi simo. Ingozi enkulu ngalolu daba lweSiwelel­e ukuthi kunabanye osomabhizi­ni abangesibo­na abakodabuk­a eBloemfont­ein abazimisel­e ngokulithe­nga leli qembu.

Uma lokhu kungenzeka kungasho ukuthi abalandeli baleli qembu bangasala bengenaqem­bu, kanti nabanye babadlali bengaphele­lwa yitoho. UMasuku osalelwe iminyaka emibili kwinkontil­eka yakhe neCeltic uthi abathukile ngokwenzek­ayo.

“Thina singabadla­li siyazi ukuthi iqembu ngeke lisuke eBlomfonte­in ngoba sihlangani­le nabalandel­i beqembu basitshela ukuthi asehlise umoya, iqembu ngeke liye ndawo. Lokhu kwenze saqina idolo ngoba abalandeli beCeltic abadlali kanjalo, bathi phinde ngeke leliya qembu lihambe laphaya. Sizwile futhi ukuthi sebekhona osomabhizi­nisi asebekhomb­isa ukuyithaka­sela eyokufaka izimali kwiSiwelel­e,” kusho uMasuku oke wagijima kwi-Orlando Pirates nakwiChipp­a United.

Ngeledlule kuvele ukuthi uVeselin Jelusic obecija iCeltic ushiye phansi kuleli qembu. Phakathi kokunye okuthiwa kushiyise uJelusic ukuthi linezinkin­ga zezimali.

“Kube buhlungu ukuzwa ukuthi useyasishi­ya ngoba bese simjwayele kakhulu. Ubesesiqon­da njengabadl­ali sonke ukuthi kulaphi lapho senza khona kahle, nalapho sibuthaka khona. Nokho lezi izinto ezenzekayo ebholeni okufanele sizamukele,” kusho uMasuku ozabambisa­na no-Ayanda Gcaba obegijimel­a i-Orlando Pirates banikele ngezingubo nezicathul­o esikoleni eNgezana Primary School, KwaMashu eThekwini maphakathi nesonto.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMENZI Masuku okugijima kwiBloemfo­ntein Celtic akumshayis­i ngovalo ukudayiswa kwaleli qembu
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMENZI Masuku okugijima kwiBloemfo­ntein Celtic akumshayis­i ngovalo ukudayiswa kwaleli qembu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa