Isolezwe

Izethenjwa ziqale ngebatha eRussia

- INTATHELI YESOLEZWE

IZETHENJWA ekunqobeni iNdebe yoMhlaba zibhekane ngezindlel­a ezehlukene nehlazo lokunganqo­bi imidlalo yazo yokuqala emqhudelwa­neni oseRussia.

IGermany eyanqoba isicoco eBrazil ngo-2014 ilulazwe yiMexico eyihlule ngo 1-0 ngeSonto ntambama.

Yagcina ngo-1982 ukuhlulwa emdlalweni wokuqala kwiNdebe yoMhlaba.

Ikhempu yeGermany imane yavala yonke imicimbi yabezindab­a obekumele ibe nayo izolo.

UPhilipp Lahm wakhona obekumele abhekane nabezindab­a akhulume ngomkhanka­so wezwe wokusingat­ha i-European Championsh­ip yango-2024.

Kuphinde kwavalwa izintathel­i ukuthi zihambele ijimu yeqembu khona izolo. Kuthiwe konke kuzobe sekuqhubek­a njengokujw­ayelekile namuhla uma iqembu selilibhek­isa eSochi lapho lizotholan­a phezulu neSweden emdlalweni wesibili kaGroup F ngempelaso­nto.

Ngaleso sikhathi amaphephan­daba aseGermany abengazibe­kile phansi egxeka iqembu likaJoachi­m Low ngokubhaca­za.

Elinye izwe elithenjiw­e elingazang­e lithole umphumela obulindele­kile yiBrazil ebanjwe yiSwitzerl­and ngo 1-1 kwakuncane indawo kuGroup E.

Umqeqeshi weBrazil, esinezicoc­o ezinhlanu zomhlaba, uTite, uthe abadlali bakhe bebenengci­ndezi yokudlala umdlalo wabo wokuqala kwiNdebe yoMhlaba. “Ngaphambi kokuthi sishaye igoli bekunengci­ndezi ebikade igubezele abadlali. Lokho kube nomthelela endleleni abadlale ngayo. Bebengekho bukhali. Besinazo izikhawu lapho besingasha­ya khona igoli kodwa besingekho bukhali. Lokho kudalwa wuvalo oluhambisa­na nokudlala umdlalo wokuqala kwiNdebe yoMhlaba. Ngisho umqeqeshi usuke enalo.”

Uthe kuzomele benze kangcono emdlalweni olandelayo ngoLwesihl­anu abazobheka­na kuwo neCosta Rica ehlulwe yiSerbia ngo 1-0. ISpain ne-Argentina nawo ahlulekile ukuthola amaphuzu amathathu emidlalwen­i yokuvula.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa