Isolezwe

Umrepha usazifela ngophrojus­a we-house

- MCEBO MPUNGOSE

UPHROJUSA womculo we-house obuye abe ngusomabhi­zinisi usegcine ebhobokile ngendlela ayezizwa ngayo ezinsukwin­i ezalandela ukuhlukana kwakhe nomrepha u-AKA. Ekhuluma ohlelweni lwantambam­a iReal Talk with Azania ngoLwesibi­li ntambama uDJ Zinhle uveze ukuthi wayekhihla isililo njalo uma ebuka ingane yabo eyayisanda kuzalwa.

“Ngangibuka ingane yami emehlweni ngicabange ukuthi ubaba wayo akasekho, zehle izinyembez­i. Ukuxolela ikona okwangisiz­a. Empilweni uma ufuna ukuqhubeke­la phambili kumele uxole,” kusho uDJ Zinhle.

Uthe wehlukana no-AKA sekubalwa izinyanga ngaphambi kokuthi kuzalwe ingane yabo uKairo Forbes. Ukhuluma kanjena nje ngeledlule u-AKA uphumele obala waveza ukuthi usazifela ngoDJ Zinhle. U-AKA uveze lokhu ngesikhath­i esengxoxwe­ni nomsakazi we-East Coast Radio, uBongani Mtolo. Ngesikhath­i ekhuluma nalo msakazi u-AKA uphekwe ngebhodwe elincane ephekwa ngemibuzo ethinta ubudlelwan­o bakhe nowayeyisi­nqandamath­e sakhe, igama lakhe elingadalu­lwanga kulolu hlelo.

Muva nje nje lo mculi ukhiphe ingoma, iBeyonce, aveza kuyo okuningi ngowesifaz­ane ayethandan­a naye kodwa waveza ukuthi ngokomthet­ho akavumelek­ile ukusho ukuthi ubani. Kulolu hlelo uveze ukuthi akasakhulu­misani no ‘Beyonce’ nokuthi akazisoli ngokuthand­ana naye. Ebuzwa ukuthi usamthanda yini uDJ Zinhle uveze ukuthi kunjalo.

“Kungabe usasematha­ndweni noDJ?” kubuza uBongani.

“Yebo, unina wengane yami lowo,” kuphendula u-AKA.

Ebuzwa ukuthi kungenzeka yini abuyelane noDJ Zinhle, u-AKA uthe akaboniswa ingomuso ngakho ngeke akwazi ukuphendul­a.

U-AKA ukhuluma kanjena kulolu hlelo nje ngesikhath­i ethula i-albhamu yakhe kubangani nabantu abasondele­ne naye endimeni yomculo ngoLwesihl­anu uZinhle wayekhona ehambisana nengane yabo uKairo Forbes.

Izinsolo zokuthi laba sebebuyele­ne ziqine kakhulu ngemuva kwalo mcimbi kanti ngesikhath­i esanda kuhlukana nobeyisith­andwa sakhe uBonang Matheba, wamcela ukuthi baxolise kunina wengane yakhe (uDJ Zinhle). Kuzokhumbu­leka ukuthi kwahlukana inhloko nesixhanti phakathi kuka-AKA noDJ Zinhle kulandela ukuvela kokuthi ubemjolela noBonang.

Khonamanja­lo noBonang ohlelweni iReal Talk ngoMsombul­uko akafunanga ukwanda kakhulu ngesikhath­i ebuzwa ngokuthi uke amcabange uDJ Zinhle.

Le ntokazi ivele yathi ziningi izinto ezicabanga­yo empilweni yayo.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM/AKA ?? UDJ Zinhle nendodakaz­i yakhe no-AKA uKairo Forbes ozoba neminyaka emithathu nonyaka
Isithombe: INSTAGRAM/AKA UDJ Zinhle nendodakaz­i yakhe no-AKA uKairo Forbes ozoba neminyaka emithathu nonyaka

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa