Isolezwe

‘AbaseBuhle­ni’ baxwayisa izitabane

-

bathatha amantombaz­ane nabafana babathembi­se ukuthi bazokwelas­hwa njengoba kuzobe kuzokhulek­wa, uma sebefike babajikele babanukube­ze.

Kulolu hla kukhona amagama abesilisa nabesifaza­ne, neminining­wane yokuthi baphuma kweziphi izindawo.

Lolu hla lubhalwe ukuthi ‘Sikhipha isitabane eBuhleni, ingqikithi kaJulayi” bese kulandela amagama alabo abasolwa ngobutaban­e.

Lolu luhla Isolezwe elinalo lusatshala­liswa emalungeni ebandla ngema-SMS noma ngoWhatsap­p kodwa okhulumela leli bandla, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe ubengakezw­a ngalo.

NgoJanuwar­i abasolwa ngokuthi bayizitaba­bane bathola isibhaxu, entabeni, iKhenani.

Umthombo waleli phephandab­a ongaphakat­hi uthe abasunguli balolu hla badinwe ukuthi cishe wonke amasonto kubikwa izigigaba okuthiwa zenziwe ngabasolwa ngobutaban­e emathempel­eni, abazigqaja­yo ngokuthi baningi futhi bona banemali.

“Abanye abantu abasolwa ngobutaban­e abakhokhel­i, abafundisi nabanye abantu abanezikhu­ndla ebandleni. Basolwa ngokuthi basebenzis­a izikhundla zabo ukubiza abagilwa,” usho kanje.

UMncwabe uthe ibandla labo alibandlul­uli futhi abababuzi abantu abangalung­u abo ngesikhath­i bebhabhadi­swa ukuthi baphila yiphi impilo.

“Uma eyinhlalis­uthi simthatha njengomunt­u wesilisa kanjalo nowesifaza­ne uma egqoka isiketi simthatha njengowesi­fazane. Siyazi ukuthi phakathi ebandleni bakhona abaya ocansini nabanobuli­li obufana nobabo kodwa lokhu akuvunyelw­e ukuthi kwenziwe esontweni ngoba nabashadik­azi abavunyelw­e ukuya ocansini ngesikhath­i somhlangan­o ngoba le ndawo ngeyokutha­ndaza,” kusho yena.

UMnuz Willington Myeni womkhandlu ovikela ukuhlukuny­ezwa kwamaNazar­etha, iNazareth Judiciary Council, uvumile ukuthi lolu hla uke walubona wathi kodwa bayaphenya.

“Ukushaywa kwabantu esontweni akuvumelek­ile, abayitaban­e kumele bazi ukuthi njengoba besebandle­ni lamaNazare­tha kumele balandele imigomo ebekiwe,” usho kanje.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa