Isolezwe

Basola ukuthandaz­a okuvimba abagilwa

- MPHATHI NXUMALO noZANELE MTHETHWA

INKOLO inomthelel­a ekubhebhet­hekiseni izigameko zokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane, ebacindeze­la ukuthi bahlale emthandazw­eni.

Lokhu kuvele embikweni wocwaningo okhishwe ngabakwaSa­tistics South Africa (SA) kuleli sonto, oveze ukuthi zikhula ngamandla izibalo zabesifaza­ne abahlukuny­ezwayo. Izibalo zabakwaSta­tistics SA ziveza ukuthi ukubulawa kwabesifaz­ane kwenyuke ngo-117% kusukela ngo2015 kuya ku-2017. Kuvele nokuthi izigameko zokuhlukun­yezwa ngokocansi zinyuke kusukela ku-31 665 ngo-2015 zafinyelel­a ku-70 813 ngo-2017. Kuthiwa lezi zibalo zakuleli ziphezulu ukwedlula wonke amazwe. Umbiko uveze ukuthi inkolo ekhuthaza ukuthi abesifazan­e abathobele amadoda, inomthelel­a ekutheni bahlale ebudlelwan­eni noma nokuhlukun­yezwa.

UNksz Lisa Vetten, ongungoti kwezobulil­i, uthe abesifazan­e babekezele­la ukuhlukuny­ezwa ngoba bekholwa ukuthi bazosizwa umthandazo uma kunezinkin­ga.

“Uyingozi umkhuba wokuthi abantu uma benezinkin­ga ebudlelwan­eni batshelwe ukuthi mabayothan­daza. Baze bakhuthazw­e ukuthi uma kungalungi baqinise kakhulu emthandazw­eni kunakuqala,” kusho uNkk Vetten.

Ocwaningwe­ni olwenziwe nguNkk Vetten, kuvele nokuthi izibalo zamaphoyis­a zikhomba ukuthi amacala okudlwengu­lwa kwabesifaz­ane aphezulu eMlaza naseNanda. Kuthiwa abaningi badlwengul­wa yizihlobo nabasondel­ene nabo. UNkk Vetten uthe ukwenyuka kwezibalo zokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane kwenza akungabaze ukuthi imikhankas­o ezinkundle­ni zokuxhuman­a iyasiza. UMbhishobh­i wamaSheshi osethathe umhlalapha­nsi, uRubin Phillip, uthe ngokweBhay­ibheli akukho lapho kukhuthazw­a khona ukuhlukuny­ezwa. Uthe yizimfundi­so zikaPawuli eBhayibhel­ini ezikhuthaz­a ukuthi amakhosika­zi athobele amadoda, okungenzek­a ukuthi abanye lokho bakuthatha njengokuth­i bacindezel­wa ukuthi bavumele ukuhlukuny­ezwa.

“Imiqondo yabesifaza­ne kumele ishintshe. Akumele noma yimuphi owesifazan­e abekezelel­e ukuhlukuny­ezwa,” kusho yena.

UMfundisi Dibanisa Khumalo weWorld Shakers ophinde abe ngumelulek­i wabashadil­e, uthe ibandla kumele libe phambili ekulweni nokuhlukun­yezwa. Uvumile ukuthi bayabathan­dazela abanezinki­nga emshadweni kodwa bayabakhut­haza ukuthi baye emaphoyise­ni uma behlukunye­zwa.

“Ukuhlukume­za kuyicala, yingakho singabe sisangena kakhulu ngoba kumele kuxazulule umthetho. Inkinga esibhekene nayo ukuthi abantu bafika sebejahe ukushada bengasafun­i nokwelulek­wa. Ukwelulekw­a ngaphambi komshado kungasiza ekutheni asheshe abonakale onenkinga yokuhlukum­eza. Kumele kwande izinkonzo zokufundis­a abesilisa,” kusho yena.

U-Archbishop William Slattery, okhulumela amaKhathol­ika, uthe umthandazo awukwazi ukuxazulul­a konke. Uthe abaningi bagxila ezimfundis­weni zikaPawuli ezithi akuthobe amakhosika­zi ekubeni ziyafundis­a nangamadod­a.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa