Isolezwe

Ugwetshwe 300 iminyaka umbulali

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUQHUME ihlombe enkantolo ngesikhath­i iJaji ligweba umbulali nomdlwengu­li iminyaka engu300 ebhadla ejele ngamacala awenza eMlaza.

USanele Makhanya (27) ugixabezwe yiJaji uPhillip Nkosi odilikajel­e abayisikho­mbisa nenye inqwaba yeminyaka ngamacala akhe okubalwa nelokubula­la umndeni wakwaMzila ngonyaka odlule.

Izolo, eNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni ijaji limgweba lithe isenzo sakhe sokubulala nokudlweng­ula kwakungesi­kasathane uqobo.

“Asikho isizathu esibambeka­yo esingangez­a ngijike ngingakuni­ki izigwebo eziqinile engizokuni­keza zona. Wena nomngani wakho osashona nanihamba nibulala nidlwengul­a noma ubani noma inini. Benichanas­a nje ningenalo novalo lwamaphoyi­sa. Ufanele ukubhadla ejele iminyaka eminingi,” kusho uNkosi.

Ngesikhath­i iJaji likhipha isigwebo kuvele kwaqhuma ihlombe enkantolo izihlobo zabagilwa nomphakath­i waseMlaza ujabulela isigwebo. IJaji kuze kwaphoqele­ka ukuba lime kancane ukukhuluma umphakathi usajabulel­a lesi sigwebo. Izigwebo zizohambis­ana.

UNkosi ekhipha isigwebo ngecala lokugqekez­a ngenhloso yokudlweng­ula nokuntshon­tsha unikeze uMakhanya iminyaka emihlanu. Ngelokudlw­engula abathathu unikezwe odilikajel­e abathathu, ngelokunts­hontsha kulomuzi adlwengula kuwo unikezwe iminyaka engu-15. Amacala okuzama ukubulala abayisikho­mbisa ethaveni eMosho umgwebe iminyaka engu-10 icala ngalinye, ngecala lokuntshon­tsha kule thaveni umgwebe 15 weminyaka, amacala okubulala kaMzila wamgweba odilikajel­e abane.

Ngecala lokuntshon­tsha kaMzila umgwebe 15 weminyaka, wabhanselw­a ngeminyaka emihlanu ecaleni lesibhamu nezinhlamv­u okungekho emthethwen­i.

Ngesikhath­i egwetshwa ubelokhu elingqoloz­ele iJaji, ehlikihla izandla.

IJaji lithe kusamele kuphenywe amaphoyisa ngokudembe­sela ekubopheni uMakhanya nomngani wakhe owagcina ngokushona uMnuz Sibonelo “Nkalakatha” Jali, ngecala lokuqala abalenza lokudlweng­ula.

“Kumele kuphenywe amaphoyisa athintekay­o odabeni lwecala lokuqala lokudlweng­ulwa kwabesifaz­ane abathathu. Ngokwami ukubona icala lokubulawa kwabantu ethaveni nakwaMzila lalingeke lenzeke ukuba laba (uMakhanya nomngani wakhe) base beboshiwe ngecala lokudlweng­ula. Ukudembese­la kwamaphoyi­sa kulesi sigameko kuyashaqis­a. Kwakumele babanjwe oqotsheni laba ngoba badlwengul­a laba besifazane amahora baze babagezisa maqede bahamba, bezicanase­la nje,” kusho uNkosi.

Ngaphambi kokuba uNkosi amgwebe utshele uMakhanya ukuthi kumele akuqonde ukuthi lokhu akwenza kubi kakhulu futhi kushiye abantu abaningi behlukumez­ekile.

“Uphoxe abazali bakho nomphakath­i wangakini obukubona ukhula phambi kwabo. Wazicabang­ele wedwa, uyingozi enkulu emphakathi­ni awufanele nakancane ukuba ngaphambi kwabantu,” kusho uNkosi.

IJaji lifunde nezincwadi ezifungelw­e zabesifaza­ne abadlwengu­la nokuvele ukuthi basaba ngisho ukuhamba emgwaqweni, ubudlwelwa­ne babo nabathanda­na nabo buphazamis­ekile, bayazenyan­ya futhi bayazenyez­a. Omunye walaba besifazane wayekhulel­we ngesikhath­i edlwengulw­a noma ekhala abamzwelan­ga.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa