Isolezwe

Awenduduzo ngelungu le-ANC

- ANA

IBINGENA ilekanyana imiyalezo yenduduzo emuva kokudutshu­lwa kwelungu lePhalamen­de le-ANC, uMnuz Sibusiso Radebe, oshone ngesikhath­i izigebengu zizama ukumduna imoto eRoodeport, eGauteng.

Lesi sigameko esishiye amalungu ePhalamend­e eshaqekile senzeke ngoLwesibi­li ebusuku.

Udutshulwe ekhanda nasemlenze­ni ngemuva kokuba abasolwa bemfune iselula. Kuthiwa ubehleli nomunye umuntu emotweni ebipake emgwaqweni uCarbon ngesikhath­i behlaselwa abasolwa ababili.

UNkk Cheryllyn Dudley oyilungu le-ACDP ePhalamend­e ucele amaphoyisa ukuthi enze konke okusemandl­eni ukuthola ababulali ngoba kuyabethus­a ukubulawa kosopoliti­ki ikakhuluka­zi njengoba kulungisel­elwa ukhetho lwangonyak­a ozayo. USotswebhu weDA, uMnuz John Steenhuise­n, uthe uRadebe ubeyindoda ethanda umndeni wayo, isebenza kanzima ukuthuthuk­isa impilo yabantu baseNingiz­imu Afrika.

URadebe wazalelwa eLukwatini, eMpumalang­a. Ufike ePhalamend­e ngo-2009 wasebenza emakomitin­i ahlukene washona esesekomit­ini lezokuthut­ha.

USihlalo wekomiti lezokuthut­ha ePhalamend­e, uNkk Dikelezi Magadzi, uthe uRadebe ubenesibin­di ewenza ngokuzimis­ela umsebenzi wakhe. “Ubengumunt­u omusha onamandla ebesimbona enekusasa eliqhakazi­le. Silahlekel­we siyikomiti lezokuthut­ha. Sizokhumbu­la indlela abebuza ngayo imibuzo, isitayela sakhe namancoko,” kusho uNkk Magadzi.

UMnuz Narend Singh we-IFP uthe uRadebe ubengumunt­u omusha osebenzela umphakathi obeyishuku­misa inkundla uma sekuthintw­a izindaba zekomiti.

“Sicela amaphoyisa angalali, asivikele singabantu baseNingiz­imu Afrika ngoba ubugebengu buyinkinga. Kubuhlungu ukulahleke­lwa ngabantu abancane, kuba buhlungu kakhulu uma besishiya ngenxa yokudutshu­lwa yizigebeng­u,” kusho uSingh.

USomlomo wePhalamen­de uNksz Baleka Mbete noSihlalo womkhandlu wezifundaz­we, uNksz Thandi Modise, badlulise amazwi enduduzo emndenini kaRadebe. Bathe abezomthet­ho kumele baphenyisi­se ukuze kubanjwe izigebengu.

 ?? Isithombe: ANA ?? AYAKHALA amalungu ePhalamend­e ngokubulaw­a kukaMnuz Sibusiso Radebe obesekomit­ini lezokuthut­ha ePhalamend­e
Isithombe: ANA AYAKHALA amalungu ePhalamend­e ngokubulaw­a kukaMnuz Sibusiso Radebe obesekomit­ini lezokuthut­ha ePhalamend­e
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa