I-DA ifuna izimpendulo kunyamalala uR500m
KUCELWE uphiko oluphenya amacala ayisipesheli ukuthi luphenye ngokunyamalala kukaR500 million owawufanele uthuthukise impilo yabantu base-Evaton eVaal. UMnuz Kingsol Chabalala weDemocratic Alliance (DA) Emfuleni, eVaal, wenze lesi sicelo emuva kokuthi uMnuz Uhuru Moiloa onguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana, ezoMdabu nokuHlaliswa kwabantu eGauteng, eveze ukuthi umnyango wakhe usebenzise uR206 million ohlelweni lwe-Evaton Renewal Project olwathulwa eminyakeni engu-14 edlule.
UMcwaningi-mabhuku Jikelele uMnuz Kimi Makwetu, uveze ukuthi uMnyango wezokuHlaliswa kwabantu eGauteng usebenzise uR708 million ngo-2015.
Uhlelo lokuthuthukiswa kwe-Evaton lwethulwa ngowayengumengameli wezwe, uMnuz Thabo Mbeki, efuna kuthuthukiswe impilo yabantu kuleya ndawo, nase-Alexandra, Bekkersdal naseWinterveldt. Ngo-2004 uMbeki wayebeke eceleni u-R1.2 billion wezinhlelo zase-Evaton naseBekkersdal.
Uhulumeni waseGauteng wawunikezwe umsebenzi wokuqeda amathoyilethi omgodi, wakhe izindlu, imitholampilo, imigwaqo, izitamkoko, uthuthukise nezindawo ezingamagugu.
Izolo, uChabalala ucele iNhloko yophiko lwamacala ayisipesheli, u-Adv Andy Mothibi ukuthi aphenye ngoba abantu base-Evaton abazuzi lutho ngohlelo lwabo.
Umbiko kaMakwetu uthi bekufanele kwakhiwe izindlu zomxhaso ezingu 1 300 neziqashwayo ezingu-612, kulungiswe izindlu zakudala ezingu-150 bese kuthengwa umhlaba wokwakha izindlu ezingu-206.
“Kwakufanele kwakhiwe izindlu kulungiswe ezindala kodwa esikutholile ukuthi kwakhiwe izindlu zomxhaso ezingu-31, kwalungiswa ezindala ezingu-12,” kusho uMakwetu.
EBekkersdal, uMakwetu uthole ukuthi akukaze kwakhiwe ngisho eyodwa indlu.
UChabalala uthe i-Evaton yilokishi elinganakiwe eGauteng elisasebenzisa amathoyilethe omgodi, elinemigwaqo ewubhuqu nezikhinsi.
“Sifuna ukwazi ukuthi imali yalezi zinhlelo ishonephi. Abahlomule kule mali kufanele bashushiswe ngoba ayiwenzanga umsebenzi wayo,” kusho uChabalala.
UNksz Nazreen Pandor, okhulumela uphiko oluphenya amacala ayisipesheli, ukuqinisekisile ukuthi basitholile isicelo seDA. Uthe bazosibheka ukuthi kufanele udaba luphenywe yibona noma ludluliselwe kolunye uphiko.
UMoiloa waveza ukuthi bakhipha amathenda enani likaR206 million ngo-2004. Ezinkampanini azibala yayingekho iBahlodi Construction Consortium eyayinikwe ithenda kaR58 million ukwakha izindlu eMpumalanga ye-Evaton, okwavela ukuthi ayikaze yakhe neyodwa.