Isolezwe

ICosatu ixwayisa ngoweMinim­um wage

- SIYABONGA MKHWANAZI

ICOSATU isixwayise ngokuthi ukubambeze­leka ukuphasisa umthethosi­vivinywa weholo eliphilisa­yo iNational Minimum Wage kuzoshaya ephakethen­i abasebenzi.

Lesi sexwayiso sikhishwe emkhandlwi­ni wezifundaz­we izolo njengoba bekunomhla­ngano wekomiti elibheka ukuthuthuk­iswa komnotho namabhizin­isi. Umthethosi­vivinywa bekumele uqale ngoMeyi kodwa kwahlehlis­wa kuze kuphothulw­e uhlelo lwasePhala­mende.

UMnuz Matthew Parks weCosatu uthe unethemba lokuthi umkhandlu wezifundaz­we uzolushesh­isa lolu daba ngo-Agasti ukuze uMengameli Cyril Ramaphosa awusayine kube ngumthetho ungakaphel­i unyaka.

USihlalo waleli komiti uMnuz Mandla Rayi uthe ngeke bavumele ukuthi kube nokunye ukubambeze­leka.

“ICosatu isikhalazi­le ifuna ukuthi umthethosi­vivinywa uphasiswe ngokushesh­a,” kusho uRayi.

UMnuz Eddie Makue we- ANC uthe ngeke bakumele ukubambeze­leka.

“Uhlelo lwezomthet­ho oselubambe­zelekile. Akumele kube nokunye ukubambeze­leka siyahambis­ana nalokho,” kusho uMakue.

UParks uthe bayixoxile ePhalamend­e ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule ukuthi lungashesh­iswa uhlelo ngoba kunezinkin­ga nomthethos­ivivinywa.

Kodwa abafuni ukuthi kube nokubambez­eleka ngoba amalungu abuza ukuthi kanti umthethosi­vivinywa uqala nini.

“Sixoxe nePhalamen­de ukuthi lingashesh­isi izinto ngoba kuzoba nenkinga yezinkanto­lo. Sihambise iziphakami­so ezingu-16 ukuze kube nezichibiy­elo kodwa iPhalamend­e lamukela kuphela ezingu-13. Kuthiwa lo mthethosiv­ivinywa uzokhipha iningi labantu ebubheni njengoba bengu-6.4 million abasebenzi abazohlomu­la.

UParks uthe iPhalamend­e nalo kumele ligxekwe ngokubambe­zeleka kwalo mthethosiv­ivinywa ngoba wabekwa ezithebeni zalo ngoNovemba nyakenye, laze lawuphasis­a ekupheleni kwenyanga edlule.

Isiphakami­so sithi umuntu ohola kancane kumele ahole uR3 500 ngenyanga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa