Isolezwe

OweCosatu ugxeke owokudalul­a iminikelo

- MARY JANE MPHAHLELE

ICOSATU isigxeke umthethosi­vivinywa wokudalula ukuthi amaqembu ezepolitik­i axhaswa ngubani, yathi umbandela okhona okwamanje wenza angavezi konke.

Umxhumanis­i weCosatu nePhalamen­de, uMnuz Matthew Parks, ubekhuluma kwikomiti lomkhandlu wezifundaz­we izolo njengoba bekunezigc­awu zokuletha ukuphawula ngalo mthethosiv­ivinywa.

UParks uthe, “Imibandela ekhona okwamanje ithi asikho isidingo sokuthi udalule umuntu okuxhasayo uma imali ingaphansi kuka-R100 000. Iningi le mali ngoba sike sabona osopolitik­i begwazelwa ngo-R100 000. Umuntu angahlakan­ipha anikele ngo-R99 000 njalo ukuze angadalulw­a.”

Uqhubeke wathi, “Akukho ukuvulelek­a ngale mibandela ekhona okwamanje. Kumele yonke iminikelo idalulwe. Noma kungathiwa u-1 cent,” kusho uParks. Okwamanje umthethosi­vivinywa uvumela ukuthi amaqembu adalule uma umnikelo ungaphezul­u kuka-R100 000. Inhloso yomthethos­ivivinywa ngukuthi yonke into ibe sobala, bavezwe labo abanikelay­o.

“Uma uthola i-bank statement ebhange, ayigcini kuphela ku-R100 000 kuya phezulu kodwa iveza yonke into. Kumele kususwe yonke imibandela kulo mthethosiv­ivinywa ngoba noma ungayibeka ku-R50 00 kodwa kukhona abazohlaka­nipha banikele ngo-R49 000 eceleni.”

Uma ugcina ngokuphasi­swa lo mthethosiv­ivinywa kuzodingek­a ukuthi ikhomishin­i eyengamele ukhetho kuleli yakhe isikhwama esizohlang­anisa wonke amaqembu.

Enye yezinhlang­ano eyenze izethulo iMy Vote Counts.

Le nhlangano ifuna ukuthi izinhlanga­no ezisezinge­ni lohulumeni basekhaya bafakwe ngaphansi kwalesi sikhwama.

Umcwaningi wale nhlangano, uZahira Grimwood uthe, “Ngiyazi umthethosi­sekelo ubeka imibandela yokuthi kuxhaswe amaqembu kuzwelonke nasezifund­azweni kodwa nakohulume­ni basekhaya angiboni kungani kumele amaqembu angaxhaswa. Ohulumeni basekhaya ibona abasiza imiphakath­i ngakho akumele ngabe bashiywa ngaphandle,” usho kanje.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa