Isolezwe

Kuqeqeshwe abezikole ezingenzan­ga kahle

- MHLENGI SHANGASE

BAQEQESHIW­E othishanhl­oko bezikole zaKwaZulu-Natal abashaya udaka kwa-matric nyakenye izikole zabo ezathola 0% kuya ku-10%.

UDkt Barney Mthembu, inhloko yeziviviny­o eMnyangwen­i wezeMfundo esifundazw­eni, uthe babaqeqesh­ile labo thishanhlo­ko ngoba bebengafun­i ukuthi izikole zabo zenze kabi nakulo nyaka.

UMthembu uthe bakhathaze­kile ngokuthi kunezikole ezingenzi kahle. “Yingakho sababizela emhlanganw­eni sabaqeqesh­a ukuze izikole zabo zenze kahle. Ziningi izinto esithole ukuthi zenza izikole zingenzi kahle, kokunye uthola ukuthi isikole asinakho ukwesekwa abazali nokusenza singenzi kahle.”

Uthe baqeqeshwe ngamakhono okuphatha, indlela okumele baziphathe ngayo othishanhl­oko baphinda bagxila ohlelweni lokufunda nokufundis­a bebheka ukuthi kufundiswa­ni.

Umbiko womnyango othulwe esiShayamt­hetho sesifundaz­we uveza ukuthi zingu-84 izikole ezithole ngaphansi kuka-30% nyakenye.

Isifunda Amajuba yisona kuphela esingenaso isikole esithole ngaphansi kuka30%.

IZululanda iyona enezikole eziningi ezithole ngaphansi kuka-30%, ilandelwe iLembe ngezingu-15 kugcine uMzinyathi ngezingu-14.

UMthembu uthe othisha bacijwa ezifundwen­i abangenzan­ga kahle kuzona ukuze baziqonde kalula.

Uthe uma beziqonda kuzoba lula ukuthi bafundise izingane lezo zifundo.

“Siyibhekil­e nendaba yokuthi bakhona yini othisha kulezi zikole. Sibheka nomlando wazo wokuthi bezenzanja­ni eminyakeni edlule,” kusho uMthembu.

Mayelana nokufunda ngamaholid­i kwamatric, uthe zihlukene kathathu izikhungo okuzofunde­lwa kuzona.

Uthe ezinye izikole zizozifund­ela ngazodwana, ezinye zizofunda ngamaqoqo okuzohlelw­a yiminyango yezifunda bese ezinye zifundele kuma-camps.

“Kumacamps kuzobe kulalwa khona, ezizofunda ngamaqoqo kuzohlela izifunda nakhona kuzoba nothisha abangongot­i ezifundwei ezithile abazobe befundisa. Bese kuba nezikole ezizozifun­dela ngazodwana okuyinto ehlale yenzeka minyaka yonke,” kusho uMthembu.

Kuzoqala ngempelaso­nto ukufunda kumacamps asabalele ezifundeni ezehlukene kuphothulw­e ngoJulayi 7.

UNgqongqos­he walo Mnyango uMnuz Mthandeni Dlungwane wathi kulawa ma-camp abazogxila kuphela kubafundi abenze kabi kodwa nalabo abenza kahle bazobathat­ha ngoba bafune benze kahle kakhulu uma sebebhala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa