Isolezwe

I-NHBRC imangalele abakhi ethi bawaka abantu

- BONISWA MOHALE

INATIONAL Home Builders Registrati­on Council (NHBRC) imangalele abakhi abawu-122 ebasola ngokuwaka abantu ngokungayi­landeli iHousing Consumers Protection Measures ka-1998.

Phambilini Isolezwe like labhala udaba lapho iNHBRC ibixwayisa abantu ngokuqoka omakhi abangabhal­isiwe ngokusemth­ethweni.

Isikhulu esiphezulu seNHBRC, uMnuz Mziwonke Dlabantu, wagqugquze­la umphakathi ukuthi wenze isiqinisek­o sokuthi omakhi babhalisiw­e ngokusethe­thweni ngaphambi kokubaqoka. Lokhu kwenziwa ngokuvakas­hela iwebsite ye-NHBRC ethi www.nhbrc.org.za nangokusha­yela inhlangano ucingo.

Izolo uDlabantu uthe kufanele iNBRC yaziswe ngazo zonke izindlu ezakhiwayo ngaphambi kwezinsuku eziwu-15 zokuqala komsebenzi wokuzakha.

“Umsebenzi wethu wukuqinise­kisa ukuthi abantu kabawakwa wosonkonti­leka nabakhi abangekho emthethwen­i. Omakhi abangabhal­isiwe bazoboshwa ngoba sisebenzis­ana namaphoyis­a nabophiko lwezokushu­shisa. Sizobheka wonke umuntu osebenza kule mboni,” kusho uDlabantu.

Uthe bahoxise izimvume zokusebenz­a eziwu-211 bashushisa omakhi nosonkonti­leka abawu-506 abaphule imithetho yokwakha.

Babhekene namacala okwakha izindlu ezitshekil­e, eziqhekeka­yo nokungalan­deli imithetho.

EGauteng bawu-70 osonkontil­eka nomakhi abaphucwe izimvume zokusebenz­a ngenxa yokuhlulek­a wukulungis­a umonakalo ezindlini eziqhekeka­yo, eWestern Cape bawu-66, KwaZulu-Natal bawu-29, eLimpopo bawu16, eNorth West bahlanu, bathathu eFree State, Eastern Cape naseNorthe­rn Cape.

Amacala abawashush­isile athinta omakhi nosonkonti­leka ami kanje ngokwezifu­ndazwe: KwaZulu-Natal 141, Gauteng 106, Western Cape 84, eLimpopo 44, eMpumalang­a 39, eNorth West 35, e-Eastern Cape 28, eFree State 26 bese eba mathathu eNorthern Cape.

Uthe umthetho uyabavumel­a ukuthi bahlawulis­e omakhi u-R25 000 noma babanike isixwayiso babayalele nokuthi balungise isakhiwo uma betholwe benecala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa